Intatheli yeSivubela Intuthuko
Ngesikhathi amazwe omhlaba egubha uSuku Lomhlaba Lwezinto Eziphilayo (International Biodiversity Day), abafundi basezikoleni ezingaphansi kwesiFunda iLembe bathole ithuba lokukhombisa ukuthi ulwazi ngemvelo lungaba yingxenye yesixazululo sezinkinga ezithinta umhlaba.
Lokhu kwenzeke emqhudelwaneni wemibuzo ngezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo (biodiversity quiz) obuhlelwe ngokubambisana nguMasipala waKwaDukuza, uMngeni-uThukela Water, iLembe kanye nomnyango weZemvelo ngenhloso yokukhuthaza intsha ukuba ibambe iqhaza ekuvikeleni imvelo.
Lo mcimbi ubuhambisana nengqikithi yomhlaba wonke yalo nyaka ethi “Acting locally for global impact” okusho ukuthi izenzo ezenziwa emphakathini zingaba nomthelela omkhulu emhlabeni wonke. Lolu suku lugujwa minyaka yonke mhla zingama-22 kuNhlaba ngenhloso yokukhulisa ukuqwashisa ngokubaluleka kokuvikelwa kwezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo.
Okugqamile ukuthi lo mcimbi awugcinanga ngokuba umncintiswano wokuphendula imibuzo kuphela. Uqale ngomdlalo osheshayo wemizuzwana engu-30 wokuvusa umdlandla kubafundi ngaphambi kokuba babhekane nemibuzo egxile ezinseleleni zemvelo ezithinta imiphakathi yabo, okubalwa ukulondolozwa kwemvelo, ukuphathwa kwamanzi kanye nokubaluleka kokuvikela izinhlobo zezitshalo nezilwane.
Abafundi bakhombise ulwazi olujulile nomdlandla ngesikhathi bephendula imibuzo futhi bexoxa ngezindlela ezintsha zokubhekana nezinselelo zemvelo ezikhungethe imiphakathi. Lokhu kuza ngesikhathi ososayensi nezinhlangano zomhlaba zixwayisa ngokwanda kokulahleka kwezinhlobo zezinto eziphilayo ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu, ukungcoliswa kwemvelo kanye nokubhujiswa kwezindawo zemvelo.
Izikole ebezibambe iqhaza zifake iGroutville Secondary, Qoqulwazi, Mbekamuzi, Ricardo Mthembu, iNkosi Albert Luthuli, Stanger South, ML Sultan, Guzana, iNorth Coast Agricultural College kanye neNonhlevu.
Ekugcineni, iGroutville Secondary ithathe indawo yokuqala, yalandelwa yiNorth Coast Agricultural College kwathi iML Sultan Secondary yathola indawo yesithathu. UMasipala waKwaDukuza uncome bonke abafundi nezikole ngokuzinikela kwazo ekukhuthazeni ukusimama kwemvelo.
Njengoba umhlaba uqhubeka nokufuna izixazululo ezinkingeni zemvelo, lo mqhudelwano ukhombise ukuthi ezinye zalezo zimpendulo zingase ziqhamuke kubafundi.
