Nokulunga Nxumalo

Kubafundi abaningi basezikoleni zamabanga aphezulu, ukuqeda uMatikuletsheni kuvame ukuhambisana nengcindezi yokungazi ukuthi yimiphi imikhakha okufanele bayikhethe noma ukuthi yiziphi izifundo ezizobavulela amathuba emisebenzi esikhathini esizayo. Abanye bagcina bekhetha izifundo bengazi kahle ukuthi ziholela kuphi, okungagcina kubabeke esimweni esinzima uma sebefuna ukufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Ukusiza ukugwema le nselelo, uMasipala waKwaMaphumulo, ngokusebenzisa iHhovisi lezokuThuthukiswa kweNtsha nezeMidlalo, ubambe uhlelo lokweluleka abafundi bezikole zamabanga aphezulu ngokukhethwa kwemikhakha yokufundela umsebenzi kanye namakhono adingekayo emisebenzini ehlukene.

Lolu hlelo lubanjelwe ehholo lasePoyinandi, lapho abafundi basezikoleni ezahlukene kuWadi 2 okubalwa kuzo iMbekaphansi , iMehlomlungu kanye neHlangabeza  bethole khona ulwazi olungabasiza ukwenza izinqumo ezifanele ngekusasa labo.

Okugqamile ngalolu hlelo ukuthi abafundi abazange bathole inkulumo ejwayelekile kuphela, kodwa bathole nethuba lokuxhumana nezikhulumi ezivela eminyangweni kahulumeni nezikhungo ezahlukene ukuze baqonde kangcono ukuthi yimiphi imikhakha ehambisana nezifundo abazenzayo esikoleni.

Izikhulumi ezivela e-KwaZulu-Natal Department of Economic Development, Tourism and Environmental Affairs (EDTEA), Department of Employment and Labour kanye no-iLembe District Municipality zinike abafundi ulwazi ngezindlela zemisebenzi, amathuba okufunda kanye namakhono adingekayo ezimbonini ezahlukene.

Abafundi baphinde bafundiswa ngendlela yokufaka izicelo zokungena ezikhungweni zemfundo ephakeme nge-Central Applications Office (CAO), okuyindlela ebalulekile kubafundi abaningi abavame ukudideka ngesikhathi sokufaka izicelo zamanyuvesi namakolishi.

Kubafundi abaningi, ulwazi olunjalo lungaba umehluko phakathi kokukhetha umsebenzi ofanele noma ukulandela umkhakha abangawuqondi kahle. UMasipala uthi lolu hlelo luzoqhubeka njengoba kuhloswe ukusiza intsha ukuthi ibe nolwazi olungcono ngaphambi kokwenza izinqumo ezibalulekile ngekusasa layo.