Intatheli yeSivubela Intuthuko

Ukunyuka kwezigameko zokuhlukunyezwa kwezingane eWadini 12 sekudale ukukhathazeka okukhulu, kwaphoqa iMeya kaMasipala waseNdwedwe uKhansela Samuel Mfeka ukuba inxuse abazali nemiphakathi ukuthi bahlanganyele ekulweni nobugebengu obubhekiswe ezinganeni.

Ikhuluma emhlanganweni womphakathi, iMeya ithe ukuphepha kwezingane kufanele kube ngumsebenzi wawo wonke umuntu, yathi abazali kumele baqaphe izingane zabo, bazikhulise ngendlela efanele futhi bazigweme ekungeneni emikhubeni eyingozi efana nokusetshenziswa kwezidakamizwa nophuzo oludakayo.

Iphinde yanxusa umphakathi ukuthi ungathuli uma kunobugebengu obenzeka ezindaweni zabo, ikakhulukazi obuthinta izingane.

“Uma kunezigameko zokuhlukunyezwa noma ezinye izenzo zobugebengu, kufanele zibikwe ngokushesha emaphoyiseni ukuze kuthathwe izinyathelo. Ukuphepha kwezingane kuwumsebenzi wethu sonke,” kusho iMeya.

Lenkuluma yenzeke ngesikhathi iNingizimu Afrika iqhubeka nokubhekana nenselelo enkulu yodlame olubhekiswe ezinganeni. Izinhlangano ezilwela amalungelo ezingane zixwayisa ngokuthi izingane zisengcupheni enkulu yokuhlukunyezwa ngokocansi, ngokomzimba nangokwengqondo, ikakhulukazi emiphakathini ebhekene nezinselelo zobubha, ukusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nodlame emakhaya. 

Ochwepheshe kwezokuvikelwa kwezingane bathi ukubambisana phakathi kwabazali, izikole, amaphoyisa, izinhlangano zomphakathi kanye nabaholi bendabuko kubalulekile ekuvimbeleni ubugebengu obubhekiswe ezinganeni. Baphinde bagcizelele ukuthi ukubika izigameko kusenesikhathi kusiza ekuvikeleni ezinye izingane nasekuqinisekiseni ukuthi abenzi bobubi bayaboshwa.

Ngaphandle kodaba lokuphepha, iMeya iphinde yakhuthaza izakhamuzi ukuthi zibambe iqhaza ekwakheni intando yeningi ngokuyobhalisela ukuvota ngempelasonto ka-1 no-2 Agasti 2026.

Iphethe ngokunxusa umphakathi ukuthi ube yingxenye yezixazululo ezizoletha ukuphepha, ukuthula nentuthuko emphakathini, ngokuvikela izingane, ukubika ubugebengu nokusebenzisa ilungelo lokuvota ukuze kukhethwe ubuholi obuzophendula izidingo zomphakathi.