INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

Amalunga omphakathi abalelwa ku-100 nangamalungu omfelandawonye wezinhlangano okubalwa kuwo Abahlali BaseMjondolo, Ubunye Bamahostela kanye neRight2Know kwamanye abekhona, bamashele enhlokodolobha yeTheku bekhala ngokunyuka kukagesi. 

Lemashi ebiholwa yiSouth Durban Community Environmental Alliance (SDCEA) iza ngemuva kwemihlangano eyahlukene yomphakathi yakamuva lapho izakhamuzi zizwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka kwezindleko zikagesi kanye nezindlelo zikaMasipala.

Izindleko zikagesi zenyuke ngo-12% kulo nyaka kanti nomasipala weTheku uphinde wahlongoza ukwenyuswa kwentela yezakhiwo ngo-8% kanye nentela yokuthuthwa kwemfucuza ngo-8%, ukuthuthwa kwendle ngo-13%, amanzi ngo-15%. IMeya uMxolisi Kaunda umemezele lezi zinguquko ngesikhathi ethula uhlaka lwakhe lwesabelomali sikamasipala. Isabelomali sikamasipala esihlongozwayo sika-2024/25 singu-R67.3-billion.

Oyisikhulu esiphezulu kwi SDCEA uMnuz Desmond D’sa uthe,imiphakathi isivele impofu ngenxa yokwenyuka kwamanani iminyaka engu-15, okugqugquzelwe ngaphezu kwezinga lokunyuka kwamandla emali ngenxa yezindleko ezikhulayo zeziteshi zikagesi ezikhohlakele zakwa-Eskom iMedupi kanye neKusile, okwathi ngo-2010 iSDCEA yayiyiyo ehamba phambili emkhankasweni wokumisa.“Ezingeni likamasipala, isidingo sethu esisobala ukuthi uhulumeni wethu kufanele asekele izinhlelo zerenewable energy and storage systems ukonga imali. 

UMnuz Vuzi Zweni wo-Ubunye Bamahostela uthe abantu abaningi emahostela abanayo imali ezinzile futhi badonsa kanzima ukuze bakwazi ukuziphilisa. “Iningi labantu basemahostela basuka ezindaweni zasemakhaya, beze lapha ukuze bathole impilo engcono, kodwa abanayo imisebenzi ezinzile. Abanye bangonogada kuyilapho abanye besebenza emafemini noma njengabadayisi ukuze baphile futhi bondle imindeni yabo futhi ukwenyuka kwentela kwama tariff kwenza izinto zibe zimbi nakakhulu. Bengingakaze ngicabange ukuthi kuzofika isikhathi lapho kumele sibonge ukuthi isonto elilodwa noma amabili asikho isidingo sokucisha ugesi, izinto zingahambi ngendlela esiyidingayo njengezwe,” kusho uZweni.

UMnuz Thapelo Mohapi wenhlangano yaBahlali BaseMjondolo uthe ukuqhubeka nokunyuswa kwentela kuzoba nomthwalo omkhulu kwabampofu. “Sifuna umbuso wentando yeningi wamandla ofinyeleleka kubo bonke abantu okuhlanganisa abampofu nabancishwe amathuba.