INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

Njengoba kuqhubeka imijikelezo yokuzwa izimvo zomphakathi mayelana nesabelo zimali sonyaka wezimali komasipala abahlukene, iMeya yeSifunda Ilembe, uKhansela Thobani Shandu uvakashele ku-Ward 02 kuMasipala waseNdwedwe. Leliwadi lihlanganisa imiphakathi yaseBhidakhona, Dalibho, eNtabakhathaza, Gcwensa, Glendale Height, Mabutho, Nsuze, Sane, Satan, Simunye, Thembalabantu kanye neWewe nalapho efike wethula khona iLembe District Municipality Draft IDP/BUDGET yonyaka wezimali ka-2024/ 2025 okuhlongozwe ngayo ukuthi ube yisabelomali sika-R 1,545,378,000 kanye nesabelomali esikhulu sika-R388,281,000.

UShandu ucubungule ukuthi iGlendale Height, Bhidakhona, Sane kanye noSathane abanamanzi ngenxa yomthamo okhona kanye nezinselelo zokuhlinzekwa kwamanzi eMvutshane Water Works, okumanje inwetshwa isuka ku-6mg/l iye ku-9mg/l. Uphinde waqinisekisa umphakathi ukuthi umasipala wesifunda uzomba kabusha futhi uhlomise amaboreholes aseBhidakhona lapho amanzi ephuma kancane khona. Uphinde wazisa umphakathi ngohlelo olusha lwe-straight shift lapho iNdwedwe manje inamathimba angu-12 asebenza emini, nokuthi kwabelwa amathimba amahlanu (5) azobhekana nezigceme 08, 09, 07, 05, 02, 03, 04 kanye no-06. 

UKhansela Shandu uveze ukuthi ezinye zezinselelo ezibhekene nendawo ziwumphumela wokucekelwa phansi yizikhukhula iNsuze Water Works kanye nokunqanyulwa kukagesi ngenxa yokwehla kwamandla ka-ESKOM.

Uphinde wengeza ngokuthi izinkinga zamanzi kule wadi zizoqedwa uma sekuphothulwe uhlelo lwaseMshwati lweSigaba 5 seContract 2, futhi sekunohlelo olukhulu olunqamula lesi sigceme iLembe elizokwazi ukulidonsa ukuze kuxhunywe emagcekeni.

Amalungu omphakathi azwakalise imibono yawo ngesabelo mali abanye besho ukuthi okubalulekile kubona ukuthola izidingongqangi. “Sinenkinga ankulu yamanzi lapha endaweni yangakathi kodwa okushiwo uMeya kusinikeza ithemba. Isabelozimali siyohlale sikhala ukuthi kukhona la singaneliseki khona kodwa uma beqiniseka ukuthi izidingo ziyenziwa lokho kuyathokozisa,” kusho uMnuz Philani Ngobese wase Bhidakhona.