INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

UNksz Zanele Mathenjwa, ongowokudabuka eGroutville, KwaDukuza, unqobe izinselelo eziningi ukuze afeze iphupho lakhe lokuba usosayensi wezemvelo. Lentokazi eneminyaka engama-37 ikhuthaze abaningi ngenkathi ithweswa iziqu kwi-Environmental Science yi-University of South Africa (Unisa).

“Ngijabule kakhulu. Mina ngiwumuntu okhulele emakhaya kanti uthando lwemvelo nezolimo yinto nje engikhule ngayo yingakho ngaqoka ukwenza leziziqu,” kusho uNksz Mathenjwa. 

Ngemva kokuphothula u-matric ngo-2008, uNksz Mathenjwa waqala ukusebenza njengomhlanzi enkampanini ehlanza esibhedlela saseBallito. “Ngangihlale ngiphupha ngokufundela izifundo zezemvelo kodwa, imiphumela yami kamatikuletsheni yayingemihle,” kusho yena.

Ngenxa yalokhu, wanquma ukubuyela esikoleni ngonyaka ka-2017 eseneminyaka engu-30, lapho aqala khona uGrade 11 eBhekikusasa High School eMpangeni. “Ngonyaka olandelayo ngaphasa u-matric ngamamaki angcono kakhulu,” kubeka uNksz Mathenjwa.

Emva kokuphasa ibanga leshumi wabe eseqala izifundo zakhe zezemvelo e-University of South Africa. “Bengibuya emsebenzini ngikhathele, kodwa bekufanele ngifunde noma ngenze umsebenzi wesikole,” kusho yena.

Kule minyaka emine, uthi ubebhekene nezinselelo eziningi kodwa wahlala ezimisele.. Nokho, injabulo yakhe ayiphelele njengoba eqaphela ukuthi iminyango eminingi yezinkampani nezeminyango kahulumeni ifuna abasebenzi abasebancane. “Izinkampani eziningi kanye neminyango kahulumeni zinikeza amathuba kubantu abaneminyaka engaphansi kuka-35. Kodwa ngeke ngiyeke ukuzama. Isifiso sami ukuthola umsebenzi engiwufundele,” kusho uNksz.

Udaba lukaNksz Mathenjwa lubonisa amandla okubekezela nokuzikhandla. Umsebenzi wakhe wokufunda nokusebenza kanzima usukhuthaze abaningi, futhi usho lukhulu kubantu abasha abafuna ukufezekisa amaphupho abo.

Njengoba eqhubeka nokulwela ukuthola umsebenzi emkhakheni wezemvelo, uNksz Mathenjwa uthe umndeni wakhe ubambe elikhulu iqhaza ukumeseka kukho konke.  “Ngifuna ukubona izinguquko ezinkulu ekuthuthukiseni imvelo yakithi. Lokhu kuyisifiso sami futhi ngeke ngiyeke ukulwela ukukufeza,” Kubeka yena.