MAGAYE CELE

ITHEMBISA ukusukumela inkinga yamanzi kwisiFunda iLembe, iMeya yakule ndawo, uKhansela uThobani Shandu.

UShandu ubekade ekhuluma emhlanganweni we-IDP obukade uqhubeka enkundleni yezemidlalo yaseSinamfini, KwaMaphumulo enyakatho yesifundazwe seKwaZulu Natal.

Kulo mhlangano amalungu omphakathi amaningi athole ingqayizivele yethuba lokuba azwakalise izikhalazo zawo.

Amaningi asukumile ase ecela  ukuthi kube khona okwenziwayo mayelana nenkinga yamanzi ebonakala ikhona ezingxenyeni ezahlukene zesiFunda iLembe.

UMeya uShandu uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu bakulezi zindawo abazitholi bebhekene nenkinga yokushoda kwamanzi.

Echaza kabanzi ngalokhu uMeya uKhansela uShandu uthe vele zikhona izinhlelo abanazo zokulekelela umphakathi wakule ndawo ngamanzi.

Ukhulume nangohlelo lokufakelwa kwamapitsi kanye nompompi. “Sizimisele kakhulu ngokuthi abantu sibalekelele ukuze bawathole kalula amanzi. Udaba lwamanzi silubeke uqhulwini lapha kwisiFunda iLembe,’’ usho kanjena.

Utshele amalungu omphakathi abephume ngobuningi bawo ukuthi bamatasa nohlelo lokuthi kube khona ipayipi lamanzi elidonswayo lisuka eMshwathi lize lizofika ezingxenyeni ezahlukene zesiFunda iLembe.

Uthe bazoqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyashesha ukuze nabantu bakule ndawo bezophila kahle ngaphandle kwenkinga yamanzi.

IMeya yakwaMaphumulo uKhansela Zibuyisile Khuzwayo ukhulume ngezinto eziningi athe zisezinhlelweni zabo abahlose ngazo kufukula umphakathi wakule ndawo.

Uveze ukuthi udaba lwengqalasizinda nalo angeke baze balenze iphutha lokuthi bamane balushiye nje kanjalo ngaphandle.

Uthe uyakholelwa kakhulu ekutheni kumele kube khona ingqalasizinda ekahle ukuze umphakathi uzophila kahle.