INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

Zingaphezulu kuka-100 000 izakhamizi zaKwaZulu-Natal ezizohlomula ngokudalwa kwezinkulungwane zamathuba omsebenzi, ngokusho konguNgqongqoshe  wezabaSebenzi nezokuQashwa, uMnuz Thulas Nxesi. 

UMnuz Nxesi uthe uhlelo lweLabour Activation Programme luzokwenziwa ngohlaka lwawo lwe-Unemployment Insurance Fund (UIF) ngokwesekwa uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali.

Lokhu ukusho nabantu ababalelwa ku-6 000 abebebuthanele eDurban Exchibition Centre eThekwini. Uthe lolu hlelo luyingxenye yokuzibophezela kukahulumeni ekwakheni amathuba emisebenzi ayizigidi ezimbili nawosomabhizinisi esikhathini esiyiminyaka emithathu.

“Lesi bekuyisibophezelo esenziwa ekuqaleni kokuphatha kwesithupha ngo-2019, kodwa kwabambezeleka ngenxa yokufika kweCovid-19, ukuphazamiseka kwamabhizinisi KwaZulu-Natal naseGauteng kanye nezikhukhula kulesi sifundazwe,” kusho uMnuz Nxesi.

Uphinde wathi amaphrojekthi aKwaZulu-Natal azohlanganisa imikhakha eyahlukene okubalwa owendwangu, ezasolwandle, ezolimo, ezokwakha, i-ICT, ezamandla, ezezinkonzo zemingcwabo, ezokuvakasha kanye nezokulungisa umhlaba.

UNgqongqoshe uthe, “Inani elihlosiwe lamaphrojekthi aKwaZulu-Natal lingu-49 futhi kuzohlomula abantu abangu-102 500 ngesabelomali sika-R3.6bn.

Wengeze ngokuthi ukwethulwa kwe-KZN kuyingxenye yohlelo lukazwelonke lokudala amathuba emisebenzi olubiza u-R23.8bn oluzoqalwa maduze. UMnyango uthe la mathuba azodonsa phakathi kwezinyanga eziyi-12 kuya kwezingama-36 futhi azodala amathuba emisebenzi angaphezu kuka-700 000 ezweni lonke.

NgokukaNgqongqoshe, uhlelo lokufaka izicelo kanye nokuhlolwa kwalezi zinhlelo lwaqala ngo-2022 futhi selubekwe ngaphansi kwezinqubo zokuqinisekisa ikhwalithi. “Silindele ukulethwa kozakwethu, ukuthobela izibopho zenkontileka, ubungcweti, umsebenzi osezingeni eliphezulu, imiphumela elinganisekayo kanye nokungenelela okunomthelela,” kusho uNxesi.