MAGAYE CELE

UMASIPALA waseMandeni enyakatho yesiFundazwe seKwaZulu Natal unikezele ngosizo lwezincwadi zokushayela kubantu abasha bakule ndawo.

Lokhu lo masipala ubukade ukwenza ngaphansi kohlelo  olubizwa ngokuthi yiMandeni Youth Driver’s License Programme.

Kuvelile lapha ukuthi akusikhona okokuqala lo masipala uba nohlelo olufuze lolu kodwa uye be nalo minyaka yonke.

Inhlosongqangi yalo lo masipala uthi usuke ufuna ukutakula labo bantu abasha abasuke benesifiso sokuthi bathole izincwadi zokushayela kodwa benganawo amandla okuthi bakwenze lokho.

Kuvelile nokuthi lolu hlelo lugxile kakhulu kubantu abasha. Balinganiselwa ku-32 sebebonke abantu abasha bakule ndawo abahlomle ngezincwadi zokushayela besizwa yilo masipala.

Kuvelile nokuthi bekutonyulwa abantu abasha ababili cishe kuwona wonke amaward akhona eMandeni namaphethelo.

Lokhu bekwenzelwa ukuthi kungabibikho iward ezogcina ingalutholanga usizo.

Lolu hlelo kuvela ukuthi abantu abasha ebebehlomula bebekade befake izicelo, ebese kubhekwa imuva labo ukuthi ngampela kumele yini baluthole lolu sizo.

UMeya uThabani Mdlalose uhlezi ekugcizelela ukuthi lo masipala uzibeka eqhulwini ngaso sonke isikhathi izinto ezimayelana nabantu abasha.

Nalolu hlelo uMeya uMdlalose uthi lumayelana nokuqinisekisa ukuthi abantu abasha baba nekusasa eliqhakazile.

Abantu abasha abahlomulile kulolu hlelo babonge banconcoza kumasipala waseMandeni ngokubalekela ngezincwadi zokushayela.

Abaningi bathe bakholwa ukuthi asezovuleka namathuba abo okuthi bathole imisebenzi lapho abasuke befesa khona.

Ngaphandle kwalolu hlelo zikhona nezinye izinhlelo ezihlabahlosile lo masipala onazo ezimayelana nokuthuthukiswa kwabantu abasha.