INTATHELI YESIVUBELA INTHUTHUKO 

Ukhuza umhlola uMasipala waKwaDukuza emva kokutholakala kwamathuna angekho emthethweni endaweni yaseThembeni.

Lomasipala usukhiphe isixwayiso kumphakathi ukuthi ungaqhubeki nokungcwaba kulendawo ngoba ayigunyaziwe uMkhandlu waKwaDukuza uthi kungcwatshwe kuyo. 

Ngokusho kwalomasipala, lendawo yaseThembeni, (Ethembeni Primary School) ayifanele ukuthi ibe yindawo yamathuna njengoba iphakathi kwexhaphozi kodwa ngaphezu kwalokho iwumhlaba kamasipala ohloselwe intuthuko ezayo. 

“Lendawo ayinazo izimvume ezivela kuMkhandlu waKwaDukuza nanoma iluphi olunye uhlaka lomnyango kaHulumeni lokusebenzisa amathuna. Ngakhoke ayikho imingcwabo evunyelwe kulendawo engaqokiwe nengagunyaziwe wuMasipala njengamathuna asemthethweni,” kusho loMkhandlu. 

Uthi abangcwaba ngokungekho emthethweni benza icala kanti bangazithola bekhokha inhlawulo ebalelwa ku R 10 million okanye iminyaka eyishumi bebhadla ejele. 

“Noma imuphi umngcwabo owenziwe ngokungemthetho nokugunyazwa kuthathwa ngokuthi lomngcwabo awukho emthethweni,” kusho loMasipala. 

Ngokusho kwawo ukungcwaba kuqondiswa yilezizimiso zomthetho okubalwa uMthetho weZempilo kaZwelonke, 2003 (umthetho No.61 ka 2003) kanye noMthetho kaZwelelonke wokuPhathwa kweMvelo, 1998( umthetho we -107 ka 1998).

Emva kokuphuma kwalesixwayiso amalunga omphakathi azwakalise ukungasithokozeli ekhala ngokuthi izindawo zokungcwaba azisekho kanti uMasipala kumele uyibiye lendawo ukugwema ukuthi abantu bayisebenzise.

Ilunga lomphakathi uNkk Sizakele Mdluli uthe kuzokwenzakalani kulabo asebengcwabile kulendawo. “Akusale sekuqhutshekwa ngoba vele khona asebengcwabile khona. UMasipala kumele usale usuvumela kungcwatshwe noma ukale indawo ebese esele kungabe kusaqhutshekwa ngoba laba asebengcwatshiwe ngeke besambiwa vele,” kusho yena. 

Kanti uMnuz Zwelakhe Dlamini yena uthe abantu bashona nsuku zonke kanti izindawo zokungcwaba azisekho. Udlulise isicelo kuMasipala ukuthi uvule izindawo zokungcwaba eziningi ukugwema abantu ukuthi bazingcwabele ezindaweni ezingagunyaziwe. 

Umasipala unxenxe abantu ukuthi bathintane nehhovisi lawo lamathuna ngemibuzo mayelana nokungcwatshwa emathuneni agunyaziwe kaMasipala ku 032 437 5092 noma ku-032 300 0108.