INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

Bekuhlangene ubuholi bamaqembu ehlukene ezepolitiki KwaZulu-Natal lapho bekunezingxoxo zokuqala ze-IOL zokhetho.

Lezingxoxo ebezibanjelwe ehhotela iRadisson Blu, bezihlanganise abaholi okubalwa kubo uMnuz Thami Ntuli (IFP), Mnuz Chris Pappas (DA), Mnuz Magasela Mzobe (EFF), Mnuz Zwakele Mncwango (ActionSA), Nkk Nonkululeko Hlongwane-Mhlongo (Rise Mzansi), Mnuz Shaik Eman (AM4C) Mnuz Mafika Mndebele (ANC), Mnuz Sagren Moodley (Ozimele) kanye kanye no Mnuz Seelan Archery (AMC).

Umuntu ngamunye ongenele ukhetho ube nethuba lokwabelana ngezinhlelo zeqembu lakhe kanye nombono wesifundazwe. 

Lo mcimbi uvumele ukuthi kube nengxoxo eqotho nevulekile phakathi kwabangenele ukhetho nomphakathi ngokuthi izidingo zabo zizobhekelelwa kanjani njengoba sekubhekwe okhethweni ngenyanga ezayo.

Isikhulu esiphezulu se-IOL, uViasen Soobramoney, uthe lesi sigungu senzeka ngesikhathi iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-30 yentando yabantu.

Uthe njengenhlangano yabezindaba, i-IOL izibophezele ekuhlinzekeni inkundla yokukhuluma amazwi ehlukene esifundazweni saKwaZulu-Natal.

UMnuz Chris Pappas ongenele ukhetho lukaNdunankulu weDemocratic Alliance eKZN, othe abantu baseNingizimu Afrika banethemba lokuthi kukhona okuhlukile. Uthe isifundazwe sibhekene nezinselelo eziningi. Lezi zihlanganisa umnotho, ubugebengu kanye nokunakekelwa kwezempilo.

“Sidinga okwehlukile futhi kumele kube nokuziphendulela. Kufanele siqinisekise ukuthi sivotela abantu abathembekile. Baningi abantu abanekhono abanolwazi kanye nerekhodi lokudlala.”

Omele i-African National Congress, uMnuz Mafika Mndebele, uthe i-ANC inodaba oluhle okumele iluxoxe. “Esinakho wukuphumelela kanye nempumelelo esizoyikhombisa kusukela sithatha izintambo ngo-1994. Ngesikhathi i-ANC ithatha ngaphezu kuka-2.8 million kwase kuqashwa, manje sebengu-28 million abantu asebeqashiwe.

“Amaphesenti angama-50 abantu abehlala ezindaweni zasemakhaya, manje u-75% usemadolobheni. Iningi labantu lalingakwazi ukufunda nokubhala kodwa manje izingane ziyafundiswa.”

Uthe bakwazile ukwakha imitholampilo engu-4,000 nokuhlinzeka ngama-ARV’s. Uqhube ngokuthi i-ANC iyazi ukuthi kukhona abantu abayisebenzisayo ukwenza inkohlakalo kodwa kunohlelo lokuvuselela ngaphakathi eqenjini.

UMnuz Thami Ntuli weNkatha Freedom Party, oyimeya kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, uthe uma benikwa ithuba ‘lokulungisa’ isifundazwe bazobuyisela iKZN ‘esigabeni esikhazimulayo’ saso.

“Sizolungisa izinxushunxushu ebezisele ezihlanganisa izakhamizi eziphelelwe yithemba okumele zibhekane nesihlava sobugebengu, zilahle ithemba ngenxa yokungasebenzi,” kusho uMnuz Ntuli.

Uqhube wathi i-IFP yake yaphatha isifundazwe yenza umsebenzi oncomekayo kusona. Uthe njengeqembu uma benikezwa ithuba, bazobuyisela ingqalasizinda, baqinisekise ukuthi amanyuvesi namakolishi asebenza ngendlela, baphinde bahehe abatshalizimali ngale nqubekelaphambili ehlongozwayo.

“Imitholampilo nezibhedlela zisebenza ngesabelomali esincane. Sizoqinisekisa ukuthi abantu bayangena,” kusho uNtuli.

Uthe i-IFP inethemba lokuthi izoletha uzinzo esifundazweni, iphule imigoqo futhi kudlondlobale namabhizinisi. “Izakhamizi zaseKZN zizoba ngabanikazi besifundazwe,” kusho uMnuz Ntuli. 

Amaqembu ezepolitiki KwaZulu-Natal aveze imibono yawo mayelana nenkinga yokulethwa kwezidingo kubantu esifundazweni.

Ukushoda kwamanzi okuqhubekayo kukhungethe imiphakathi eminingi.

Ekhuluma ngalezi zinkinga, uMnuz Seelan Archary, we-AMC, uthe omasipala basesimweni esibuhlungu.“Sidinga ongoti abazophatha iminyango eyahlukene. Letha umuntu ongcono kakhulu kulo msebenzi.”

Ongenele ukhetho ngokuzimela uMnuz Sagren Moodley, ukhulume ngomzabalazo umphakathi wamaNdiya obhekene nawo mayelana namathuba emisebenzi wathi kodwa badinga kakhulu ukuqashwa kwabantu abafanele. 

UMnuz Shaik Eman we-AM4C uthe akekho usopolitiki okufanele azihlanganise nokuqashwa. “Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi iKwaZulu-Natal neWestern Cape zinezinga eliphezulu lenkohlakalo.Yimalini esele ekulethweni kwezidingongqangi,” kusho yena. 

Uphinde wakhuluma ngezinga lamakhono.uthe ukuze kuthuthukise izinga lamakhono kumele kuhlonyiswe abantu bakithi ezweni esikhundleni sokuletha amakhono. Izingxoxo ezifanayo zizosingathwa eKapa naseGoli.