MAGAYE CELE

LOYO oyiMeya yaKwaDukuza enyakatho yesiFundazwe seKwaZulu Natal, uKhansela uLindile Nhaca usekushayele ihlombe ukubalwa kwalo masipala njengeminye yebonakala yenza kahle kakhulu kwezezimali.

Lokhu kuza ngemuva kokuba ucwaningo olwenziwe yi-Independency Financial Ratings Agancy lukubeke obala ukuthi uMasipala waKwaDukuza ubalwa neminye yenza kahle kakhulu kwezezimali.

Kuvelile ukuthi ucwaningo lubuka izinhla ezahlukene kuzona okubalwa ukusebenza kukamasipala, uhlahlomali lukamasipala, nokunye okuningi.

Lolu cwaningo lusuke lubheka kabanzi omasipala abehlukene abakhona kuzona zonke iziFundazwe ezikhona eNingizimu Afrika.

Lugcina lubheka ukusebenza komasipala abalinganiselwa ku-112 sebebonke abakhona eNingizimu Afrika yonkana.

Umbiko ophumile ubumayelana nonyaka wezimali ka-2022/2023 nokuthi kuvele ini kuMgcinimafa kazwelonke mayelana naloyo masipala.

UMasipala waKwaDukuza uqengqeleze phambili uma kukhulunywa ngomasipala baKwaZulu Natal.

Wase ulala endaweni yesithupha uma kukhulunywa ngabo bonke omasipala sebehlangene eNingizimu Afrika yonkana.

UNhaca uthe lokhu kuwubufakazi obusobala bokuthi ngampela lo masipala usebenza ngokuzikhandla okungakanani futhi uziphatha kahle kangakanani uma kukhulunywa ngokusetshenziswa kahle kwezezimali.

“Lokhu kuwubufakazi bendlela engcono lo masipala osebenze ngayo ngaso sonke isikhathi. Sisebenza ngokohlahlomali lwaloyo nyaka esisuke sikuwona. Kuyajabulisa kakhulu ukuthi sikwazile ukugcina lo mgqigqo kuyona yonke le minyaka,’’ usho kanje.

Uwuncomile kakhulu lo masipala athe uholwa yiqembu elibusayo i-African National Congress (ANC).

Lokhu uthe kufakazela ubuqotho bezisebenzi zalo masipala ongaphansi kwesiFunda iLembe.

Umasipala waKwaDukuza yiwona wodwa ovelayo kweyaKwaZulu Natal.      Ulandela ngemuva kukamasipala waseGauteng obizwa ngokuthi yiMidvaal (Meyerton).