INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

UMnyango wezaseKhaya usulule ukusebenza ngamahora amahlanu njengoba sekusetshenzwa ngeMigqibelo kuyoze kushaye usuku lokuvota. 

Ngokusho kwalomnyango, ukusebenza kuqala kusukela ngo-8 ekuseni kuze kushaye u-1 emini kuyoze kube umhlaka 25 kuMeyi.

Esistatimendeni esithunyelwe abezindaba, lomnyango uthe amahhovisi avulwe ukuze abantu bathole izinsiza zokuqoqa omazisi, ukwenza kube lula ukufaka izicelo ezintsha kanye nokukhishwa kwezitifiketi zikamazisi wesikhashana. 

Amahhovisi azophinde axazulule izinselelo eziphathelene namakhophi, izichibiyelo, ukulungiswa kanye namacala afile ngemibhalo edingekayo.ukuxazulula izinkinga zezinombolo zomazisi ezifanayo ezisetshenziswa ngabantu abangaphezulu koyedwa, kuchitshiyelwa imininingwane ethile kubo omazisi, ukulungiswa kwabo, omazisi abakhomba ukuthi abanikazi bashonile bebe bengashonanga bazolungiswa uma kunamaphepha aphelele akhomba ukuthi abanikazi bawo bayaphila. 

Iphini likaNgqongqoshe wezaseKhaya, uMnuz Njabulo Nzuza, uthe, “Simema abantu abafake izicelo zomazisi, ikakhulukazi intsha eqalayo ukufaka izicelo, ukuthi beze emahhovisi ethu bazolanda amaphepha abo. Lolu hlelo lunikeza abantu ithuba lokukhetha ukuthi balande izincwadi ezibavumelayo,” 

Uphinde wathi kuzobe kunamahhovisi angomahamba nendlwana ahlelelwe ukuthi ahambise omazisi ezindaweni ezikude namahhovisi.

“Sizosebenzisa amahhovisi amakhansela, neminye iminyango esisebenzisana nayo ukuze silethe usizo eduze kodwa umphakathi uzokwaziswa ngezinsuku esizofika ngazo ezindaweni ezihlonziwe. Ngaphezu kwalokho, izakhamuzi zisengabhukha isikhathi sokuzolanda ama-Smart ID Cards kanye nezincwadi zomazisi abaluhlaza ngaphambi kokuvakashela emahhovisi ngokusebenzisa i-Branch Appointment Booking System , etholakala kwi-website yoMnyango wezaseKhaya i-www.dha.gov.za, noma bavakashele emahhovisi ngaphandle kokubhukha,” kusho uNzuza.