INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

Usuqalile umkhankaso wokuvala ukugxaza kwamanzi ngaphansi kwesiFunda iLembe. IMeya yaleSifunda ukhansela Thobani Shandu ithi ukulahleka kwamanzi ngenxa yamapayipi avuzayo kusho ukuthi kunengcindezi ephansi emhlabathini lapho amapayipi ehamba khona.

Lokhu ukusho ngenkathi beqala umkhankaso wokulwa nokugxaza kwamanzi ngomhlaka 5 ku Ephreli njengoba bebehambele izindawo ezihlukahlukene KwaDukuza. 

Uthi sebelungise ukuvuza kwamapayipi amaningi kanye nabanye ongoti abazosiza.

“Onyakeni wezimali odlule umbiko womcwaningi mabhuku uthe alinganiselwa ku-R105 million amanzi amosheka, yimali eningi leyo. Ku-100% wamanzi esiwakhiqizayo, angu-65% kuphela afinyelela kwizakhamuzi. Lokhu kunomthelela omkhulu kanti futhi kudala inkinga njengoba bekukhona bantu abebewathola phambilini kodwa abangasawatholi manje.”

Umeya Shandu uphinde wakhuthaza izakhamuzi nosomabhizinisi abanjengokugeza izimoto ukuthi balungise izindawo ezivuzayo futhi basebenzise amanzi ngobuhlakani.

Uthe uma ingasukunyelwa lenkinga yokugxaza kwamanzi izodala ukuthi iSifunda siqhubeke nokulahlekelwa imali. 

Ugcizelele ukuthi njengomasipala bazibophezele ekutheni benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi iyaxazululwa inkinga yokugxaza kwamanzi ezindaweni ezahlukene zeLembe.

“Amanzi ayisidingo esingatholakali kalula futhi esibizayo. Uma singawanakekeli namuhla, isizukulwane sethu esizayo siyobe singenalutho. Uma songa amanzi songa nemali,” usho kanje.

Uphinde waphosela inselelo emphakathini ukuthi kumele ubike ukugxaza kwamanzi abakubonayo ukuze kunqandeke ukulahleka kwemali. 

Ikhansela lakule ndawo uMnuz Nkosinathi Ngema uyishayele ihlombe indaba yokusukunyelwa kwenkinga yokugxaza kwamanzi nathe kunomthelela wokuswleka kwawo. 

UMnuz Sibongiseni Mbambo oyilungu lomphakathi uthe sekuvamile ukuthi kube nezindawo eziningi ezigxaza amanzi kanti kwesinye isikhathi kuthatha kude ukuthi kulungiswe nokugcina sekudala umonakalo emgwaqweni.