Intatheli yesivubela Intuthuko


Ngemuva kwezimvula ezinamandla neziphepho ezadala umonakalo kulo lonke elaKwaZulu Natali ngo-2022, iMeya uMxolisi Kaunda iqale umkhankaso i-Operation Siyahlola muva nje ukuze ihlole imizamo eqhubekayo yokwakhiwa komgwaqo kanye nebhuloho uShallcross/Blundel. 

Ithe ingqalasizinda ecekelwe phansi yizikhukhula, ibalulekile ekuxhumaniseni iShallcross neQueensburgh.
IMeya uKaunda, ngesikhathi ehlola okuqhubekayo uzwakalise ithemba ngenqubekelaphambili eseyenziwe ngokushintsha indawo yokuwela esezingeni eliphansi kwafakwa ibhuloho elisha elingamamitha angama-90 eligudla umfula uMhlathuzana. Uphinde wagcizelele ukubaluleka kwalo msebenzi ekubuyiseleni izixhumanisi zokuhamba ezibalulekile ezinqanyulwe yinhlekelele yemvelo.

“Lomsebenzi ubalulekile ekuxhumaniseni kabusha iShallcross nezindawo ezingomakhelwane, ikakhulukazi ngemuva komonakalo odalwe yizikhukhula ngo-2019 no-2022,” kusho iMeya uKaunda.


Ukwakhiwa kabusha, okulinganiselwa ukuthi uzothatha izinyanga eziyi-14 futhi kudle izigidi ezingama-R74, kwabela osonkontileka basekhaya amaphesenti angama-30, okuhloswe ngawo ukuhlomulisa umphakathi ngqo. Lokhu kulandela ukukhathazeka kwezakhamizi zase-Shallcross nase-Chatsworth ebezisebenzisa lomgwaqo nalelibhuloho. 

Isakhamuzi uNkk Rita Govendsamy uthe kuyamjabulisa ukubona ukuthi bazoba nebhuloho elisha maduzane futhi bakwazi nokuhamba ngaphandle kobunzima. “Ngibonga iDolobha ngokuthi ligcine lithathe isinqumo sokwakha ibhuloho neliyisidingo esikhulu kubantu baseChatsworth,” kusho yena.