INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

Banconywe ngokusebenza ngokuzikhandla eminxeni eyahlukene abasebenzi abasebenzisana noMasipala waKwaDukuza emcimbini obubanjelwe ehholo iKwaDukuza Town Hall mhla zingama 20 March 2024. 

Labasebenzi baklonyeliswe ngezindondo emcimbini omkhulu owaziwa ngokuthi iMasakhane Awards. Lomcimbi okungoqokuqala wenziwa uhlose ukuhlonipha amaqhawe angaziwa kuloMasipala kuphinde kukhombiswe umsebenzi oncomekayo emphakathini osewenzekile eminyakeni edlule.

IMeya yaloMasipala  uNkk Lindiwe Nhaca uthe inhloso enkulu ngalezi zindondo ukukhuthaza ukusebenza ngokuzikhandla kubona bonke abantu abasebenzisana nabo njengomasipala.

 Kwabahlomulile kubalwa uNksz Welile Gumede unguSihlalo wenkampani i-Azowel Projects nabanqobe emkhakheni weBest Youth in Agriculture.

Abanye kube iLocal Employer nedliwe inkampani iHesto Hernesses nenconywe ngokudala amathuba emisebenzi amaningi emphakathini.

KwiBest Ward Committe kunqobe uWard 5 ongaphansi kukaKhansela uBartman Mtolo. Kumkhakha weBest Awards for Acting Beyond the call of duty kunqobe ikwaDukuza Municipality Life Guards. Kumkhakha weBest NGO kunqobe iMasithandane, iKDM Childrens Welfare, Inqolobane, Othandweni Childrens Home kanye neSafe Heaven.

Kumkhakha weBest Women with Disability, kunqobe uNksz Bongi Ngcobo.

 “Umkhandlu waKwaDukuza ukhumbuza abantu baKwaDukuza ngamandla amangalisayo ezenzo zokuzidela kanye nomthelela omkhulu umuntu angaba nawo ngisho ekufihlakaleni. Sidalule imininingwane yalabo abaguqule izimpilo buthule bashiya uphawu olungacimekiyo emiphakathini yabo. Kungokungaziwa kwabo lapho amandla abo eqiniso elele khona futhi yiwo lomoya esikhombisa ukuwubabaza kulawa maqhawe anganakiwe,” kusho uNhaca.