INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

Kukhalwa ngokunyuka kwentengo kagesi njengoba isikhungo esilawula ezamandla kuleli, iNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) isigunyaze ukwenyuswa kwentengo kagesi ngo-12.74% onyakeni wezimali u2024/25.

Lokhu kunyuka kulindeleke ukuthi kuqale ngenyanga kaEphreli. INERSA igunyaze lokhu kwenyuka kukagesi nyakenye ngesikhathi igunyaza ukunyuka kwentengo kagesi ngonyaka odlule ngo-18, 65%, okungaphansi kakhulu kwalokho okwakucelwe i-Eskom okungu-32.02%.

Ngokusho kwalesikhungo, bakhathazekile ngokuthembela kwe-Eskom emthamweni wokuphehlwa kukagesi obhekele izimo eziphuthumayo, kusetshenziswa izinjini zegesi ezivulekile okugcina kuholele ekutheni kube nogesi ongaphansi kwalowo odingekayo.

UMnuz Nhlanhla Gumede, uthe maningi amalahle abaswayo ukuze akhiqize ugesi kodwa umkhiqizo ophumayo muncane.

Kulinganiselwa ekutheni abasebenzisa ugesi ongu-600kWh bazokhokha uR168.24 owengeziwe njalo ngenyanga, abasebenzisa ugesi ongu- 900kWh bazokhokha imali ephakathi kuka-R398.52 kuya ku-R405.81 ngenyanga.

Abahlali baseThekwini sebezwakalise okukhulu ukukhathazeka ngaselzinqumo baveza ukuthi ngaphezu kukacimicimi ugesi eminye imiphakathi ihlala amasonto ingenawo ugesi. UNksz Thembekile Zwane wase Nanda uthe enyangeni kaMarch bake bahlala isinto lonke bengenawo ugesi kanti lokhu kuyabahlukumeza kakhulu. 

“Kumele engabe kubhekwa ukuthi abantu bawusebenzisa kanjani ugesi ngoba akuthina sonke esimoshayo,” kusho yena. 

Enye into edala izinkinga ngendaba kagesi kuuba ukuntshontshwa kwamakhebula kanye nezinyokanyoka ezidla izigidigidi zemali koMasipala abahlukene njalo ngonyaka. 

“Thina kuyazifanela nje ngoba uma kunocimicimi uyabuya kwabanye kwabanye uhambe. Bawunyuse kakhulu kanti nalo wesibonelelo awenele kulabo abaswele. Kumele uhulumeni uyicabangisise kahle indaba kagesi ngoba ukunyusa intengo akuwenzi umehluko kunalokhu kuzodala eziningi izinkinga kubantu abahlwempu,” kusho uMnuz Sandile Mdluli waKwaMaphumulo.