INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO 

Kuvuseleleke uthando lwebhizinisi kosomabhizinisi baseMandeni ngenkathi behlangene emcimbini waminyaka yonke osingathwa uMasipala wase Mandeni owaziwa nge Business Fair. 

UMasipala waseMandeni usebenzisa umbukiso wamabhizinisi, iBusiness Fair, ukuletha ongoti bemikhakha ehlukene ukuthi bafundise ngamakhono nezindlela ezintsha zokusebenza kosomabhizinisi ukuqinisekisa ukuthi bayasimama yize isimo somnotho sinzima.

Osomabhizinisi bendawo bathole ithuba lokukhangisa ngemisebenzi yabo kanye nokuthola ulwazi kwabasemikhakheni eyahlukene yamabhizinisi mayelana nokulekeleleka ukufukula amabhizinisi abo kanye nokusungula amabhizinisi kulabo abanesifiso sokungena kulomkhakha.

Lo mbukiso okhombisa ngemikhiqizo eyenziwe kuleli kanti siya ngokunyuka isibalo sabantu abakhombisa ugqozi lokungena emkhakheni yezamabhizinisi.

Abantu abasha bebephume ngobuningi babo ukuthamela lombukiso futhi baningi nabebekhangisa ngemikhiqizo yabo ehlukahlukene.

Njengengxenye yalomcimbi, osomabhizinisi base Mandeni bathole ukugudlana ngamahlombe nezinkakha zamabhizinisi ezivela emnyangweni yezokulima, abasemabhange, osomabhizinisi abamnkantshubomvu abazimele nabanye abaningi abebezocobelela osomabhizinisi abangama klume ngolwazi olunzulu lokukhula kulomkhakha.

Obekuseqhulwini kulomcimbi, ukwazisa osomabhizinisi ngezindlela zokusinga uxhaso kanye nezikhungo ezinikeza osomabhizinisi ngolwazi okanye imfundo yokuqhuba amabhizinisi bhusende.

Enkulumweni ka Meya wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose uveze ukuthi bazoqhubeka nokuseka osomabhizinisi bendawo njengoba bedlala indima enkulu ekufukuleni umnotho, kanye nokubuyisela emphakathini ngamathuba omsebenzi.

“Osomabhizinisi basekhaya, labo abathathwa njengabancane, thina eMandeni sibathatha njengo somabhizinisi abakhulu njengoba bedlala indima enkulu ukuqasha abantu bakithi bendawo, bephinde beqinisekise ukuthi abantu bakithi bathola izidingo eduze nalapho behlala khona.”

Kulomcimbi kuphinde kwavulelwa abasiki bengqephu base Mandeni ithuba lokukhangisa ngemisiko yabo.