SECHABA MAKORO

UMKIKIZO uzwakale kuwona wonke amagumbi amane esifunda seLembe kulandela ukukhuphuka kwezinga lokuphasa kwabafundi balesi sifunda lisuka ku-75.7% lenyukela ku-83.9% lokho okuthathwa ngezithelo zokuzikhandla kothisha bama-high school akulendawo awu121. 

Kutuswe abanye babafundi ngokusebenza kwabo ngokuzikhandla kabanganaka ukuthi izikole abafunda kuzona kazinazo izinsiza kufunda ezanele kodwa baphokophelele nokufunda ngenhloso yokuphumelela. 

ISinyabusi High School yaseGongindlovu izihole phambili kwathi iNhlokozi High School yaKwaMaphumulo yachonywa uphaphe legwalagwala ngokuthola u-100% eyawugcina ngo-2018. Kubongwe nokuthi kuzona zonke lezi kole eziwu-121 ezisesifundeni seLembe kasikho esinabafundi abaphase ngaphansi kuka-50%. Zibe nhlanu ezihlonzwe ngokusuka ku-50% zakhuphukela ku-60% wemiphumela yanyakenye. 

Umqondisi woMnyango wezeMfundo obheke izikole zesifunda seLembe uDkt Musawenkosi Madondo uhluleke nawukuzibamba yinjabulo abenayo ngokuzikhandla kwabafundi bezikole zesifunda asibhekile okuholele emiphumeleni emihle etuswe nawuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. “Njengamanje sino-85% kodwa sihlose ukukhuphukela ku-90% kulonyaka ophezulu ka-2023. Sinezikole eziwu-25 ezithole imiphumela ka-100% sizimisele ukukhula sifinyelele esicongweni ngenxa yemiphumela ezobe ikhiqizwa ngabafundi baka-Grade 12 bezikole abakhele isifunda sethu seLembe,” kusho yena.

Ukhansela Landile Nhaca iMeya kuMasipaka waKwaDukuza naye ubonge ukukhula kwemiphumela ka-Grade 12 wanyakenye okhule ngo-8.2%. Uthe uyakholwa ukuthi isifunda sabo seLembe ngokuzayo sizobe sesihlonishwa ngenxa yokuba nemiphumela emihle yabafundi baka-Grade 12. “Kuyasijabulisa ukuthi isifundazwe sethu saKwaZulu-Nata sikwazile ukuthola u-83% wemiphumela ka-Grade 12 wanyakenye. Sibonga nokuthi isifunda sethu seLembe sibalwa neziwu-20 ezikhulayo ngokukhuphula izinga lemiphumela kuzwelonke ngesikhathi lapha KwaZulu-Natal sibe ngesesihlanu. U-Grade 12 wanyakenye usimangazile ngemiphumela yawo kwazise bewufunda phansi kwesimo esinzima sokunqamuka kwamandla kagesi obekwenza kube nzima kakhulu kubafundi ukutadisha. Sibonga zonke izinhlaka ezizimele ezilekelelile esifundeni sethu seLembe sakwazi ukuthola lemiphumela esithokozisayo nesinethemba lokuthi izokhula kuleminyaka ezayo,” kusho uKhansela Nhaca.