SECHABA MAKORO

KUBUYE ithemba kubafundi baseHlonono Senior Secondary School KwaMaphumulo ozakwabo abebenza u-Grade 12 nyakenye bephula irekhodi lokuphasa besuka ku-21% baze bayoma ku-80%. 

Uthishomkhulu wesikole uMnu Phumlani Mbonambi uthi bekungelula ukuthola lemiphumela kodwa ngenxa yokubambisana nethimba lothisha nabafundi namhlanje bayajabula ngabakuzuzile. Uthe injabulo abanayo kakusiyona eyemiphumela kodwa ngeyokubuka emuva lapho bevela khona kusukela ngo-2019 efika kulesi sikole. “Belungelula uhambo lwethu ngoba bese sehlile isibalo sabafundi nomnyango waze wathatha abanye othisha uyobafaka kwezinye izikole. Sisebenza esimweni esinzima kwazise kasinazo izinsiza nesikole sicekeleke phansi. Uma ubona isimo sesikole uyazibuza ukuthi yini le ebikhuthaza abafundi ukuthola le miphumela ngenxa yesimo sesikole abafunda kusona. Sibonga ukusebenza ngokubambisana njengoba sikwaze ukuthola lo-80% onama-Bachelor awu-74%. Sibonga nezinhlangano ezingenzi nzuzo ebezixhasa ngokokufunda kubafundi esikholwa ukuthi nabo abafundi kubakhuthazile lokho ngokubona abantu ababakhuthalele noma bephuma kandlwana. UMnu Mbonambi uphinde wabonga noxhaso abaluthole kumhleli wephephandaba lomphakathi iSivubela Intuthuko uNkk Makhosi Mngoma abafika kulesi sikole nethimba lakhe belethele abafundi ama-scientific calculator. Uthe ukuzimbandakanyakwamalungu omphakathi emfundweni yezingane kubamba iqhaza elikhulu ekwakhiweni kwesizwe esiqotho

Sifisa uhulumeni aphendule amehlo akhe abheke lesi sikole ngoba nakandwana kuyaphuma okuhle,” usho kanje.

UMnu Hlanganani Myeza owusihlalo wesigungu sabazali babafundi baseHlonono uthe abafundi babageze igilo ngokugila izimanga kwazise bese kuzoba umlando ukuthi kwake kwaba nalesi sikole endaweni obese kucacele noma ubani ukuthi uhulumeni uyasivala. Uthe ngabe kabenzi ubulungiswa uma bengancomi othisha abasebenze ngokuzikhandla ukunyusa izinga lemiphumela ka-Grade 12 wanyakenye. “Siyafisa uhulumeni asilekelele ngoba lesiya sikole siyifa kithina njengoba nami ngafuna kusona. Obekusiphethe kabuhlungu singabazali ngukutshelwa ukuthi isikole sizovalwa. Lokho bekuletha ingcindezi kubazali ngoba bebezophoqeleka ukuhlukana nezingane zabo ziyohlala kwezinye izindawo. Sesilala nobuthongo ngemuva kwemiphumela etholwe ngabafundi banyakenye,” kusho yena.

UNtokozo Myeza (17) oyi-Bachelor othole i-distinction kwiSiZulu futhi ozimisele ngokuyokwenza izifundo zobuthishela ubonge othisha abagcine bengabazali kubona bebanika uthando, imfundo nokudla lapho kudingeka khona. Ucele abafundi baka-Grade 12 nonyaka ukuba bazimisele baphokophelele phambili kulokho okuhle abakufisayo ngempilo yabo.