SECHABA MAKORO

BATHI bami ngomumo ukuhlolwa ngolwimi lwebele abaluqonda kangcono abafundi baka-Grade 12 bezikole zasoGunjini eNdwedwe abebeyingxenye yosuku lwenkulumo mpikiswano kanye nokufunda ngesiZulu obeluhlanganiswe nokubungaza usuku lwamgugu.

Kubona laba bafundi abebebambe iqhaza ngalolu suku akekho obuyele ekhaya eshwiba izandla ngeqhaza lakhe abelibambile njengengxenyo yokubungaza lolusuku. Bonke babuyele emakhaya izihlathi zivakashele izindlebe ngabebekuphethe esandleni.

Lo mcimbi obuhlelwe yinhlangano engenzi nzuzo UTHANDO HOME BASED CARE bewuhlanganise abafundi bezikole zamabanga aphezulu zaseNdwedwe okuyi-Sacred Heart High ne-Lockart High. Bebencintisana ngenkulumo mpikiswano ngaphansi kwesihloko esithi: Ngabe usiko lokuhlolwa kwezintombi lusabalulekile yini esikhathini samanje? Bekukhona nesinye isihloko ebesidingidwa ngabafundi abebelapha esingomgomo ohlongozwayo kwezemfundo wokuthi kube khona amaphepha ka-Grade 12 abhalwa ngezilimi zesintu.

Khona manjalo abafundi bamabanga aphansi abaqhamuka oGunjini Primary, Oakford Primary naseMjoli Primary bancintisane ngokufunda indatshana ephume kwelinye lamaphepha esiZulu. Laba bafundi abebeyingxenye lapha bagoduke nezinkomishi njengomklomelo wabo abazozigcina emakhaya abo neminye imiklomelo ezobasiza ezifundweni zabo.

Kulo mcimbi bekunandisa iqembu lezintombi INSALI yeSIZWE kanye nosonkondlo osafufusa u-Okuhle Mzimela.