INHLOKO yezeMfundo, uMnuz Nathi Ngcobo

MAGAYE CELE

BAZONYUSELWA imali othisha abafundisa uGrade R ngoba lokho kuyinto emqoka ukuba yenzeke. Lokhu kushiwo yiloyo oyiNhloko yoMnyango wezeMfundo, uMnuz uNathi Ngcobo.

UMnuz Ngcobo ubekade ekhuluma kabanzi ngomsebenzi wothisha abafundisa uGrade R eNingizimu Afrika yonkana. 

UMnuz uNgcobo uthe njengoMnyango wezeMfundo bakubone kumqoka kakhulu ukuthi inyuswe imali yothisha abafundisa uGrade R ngenxa yomsebenzi omkhulu ababonakala bewenza minyaka yonke.

UMnuz uNgcobo uthe lesi yisinqumo abangeke baze bazisole ngaso wathi bakholwa ukuthi kunalokho sizobonakala siyiguqula kakhulu impilo yothisha abafundisa uGrade R.

UMnuz uNgcobo uthe lesi kube yisinqumo ababonisane kahle ngaso basithatha becabange kahle ngaphambi kokuba basigunyaze ukuba senzeke.

“Sivumelane ngokuthi uma sekuyisikhathi sokuba kunyuswe amaholo abasebenzi bakahulumeni eNIngiziu Afrika yonke nothisha abafundisa uGrade R nabo bangasali ngaphandle kwenziwe isiqiniseko esikhulu skuthi nabo bayanyuselwa imiholo. Lokhu sikubona kuyinto ebalulekile kakhulu ukuba yenzeke,’’usho kanjena uMnuz uNgcobo.

UMnuz uNgcobo uthe lokhu bakwenza ngoba bakholwa ukuthi nabo othisha baseNingizimu Afrika abafundisa uGrade R kubafenele kakhulu ukuthi banyuselwe amaholo njengezinye izisebenzi ezisebenzela uhulumeni waseNingizimu Afrika.

UMnuz uNgcobo udalula lezi zindaba nje ezithakaselwe kakhulu ngabantu abaningi baseNingizimu Afrika kuzokhumbuleka phela ukuthi bese sisikhulu kakhulu isikhalo esikhona mayelana nokunganyuswa kwamaholo abo bonke othisha baseNingizimu Afrika abafundisa uGrade R.

Abantu abaningi babekhala angokuthi othisha abafundisa uGrade R yibona ababonakala benza umsebenzi omkhulu wokucija odado uma besathuka isisinga esikoleni kodwa bajike baholelwe amakinati.

UMnuz Ngcobo uthe ukholwa ukuthi angeke kusaba khona ukukhala uma le mali seyinyusiwe ekuqeleni konyaka ozayo.