MAGAYE CELE

UNGQONGQOSHE wezeMfundo esiFundazweni saKwaZulu Natal, uNkk Mbali Frazer usedalule ukuthi uMnyango awuholayo usezinhlelweni zokuthi uqashe inqwaba yothisha ikakhulukazi labo abaneziqu abahlezi emakhaya.

UNkk Frazer ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba uMnyango awuholayo uvule indathane yamathuba omsebenzi ukuze kuzoqasheka othisha abasemakhaya.

UNkk Frazer uveze ukuthi imali ezofinyelela kulo Mnyango izosetshenziselwa ukuthi kuqashwe inqwaba yothisha abasemakhaya.

Uveze ukuthi lesi yisinqumo asebesithathile ngokuvumelana naloyo oyiNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Nathi Ngcobo.

“Sesivumelene noMnuz uNgcobo ngokuthi into yokuqala ebalulekile ngaphezulu kwezinto zonke ukuthi kuqashwe othisha abasemakhaya. Ngakho ke kumqoka kakhulu ukuthi lesi sethembiso esisenzayo uMnyango wethu wezeMfundo ubonakale usigcina,’’usho kanjena.

UNgqongqoshe uthe ukholwa ukuthi lesi sethembiso esenziwa uMnyango sizobuyisa ithemba elikhulu kubona bonke othisha basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

“Kumqoka kakhulu ukuthi othisha abafunde bagogoda benza iziqu zobuthishela babonakale beyithola imisebenzi. Yilokhu ke njengoMnyango wezeMfundo esiFundazweni saKwaZulu Natal esizimisele ngokuthi sikulungise futhi ngokukhulu ukushesha lokhu,’’usho kanjena.

UNkk Frazer wenze lesi sethembiso ethembisa inhlangano yothisha eyaziwayo nehlonishwayo kakhulu eNingizimu Afrika iNational Teachers Union (Natu).

UNkk Frazer ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi bese sisikhulu kakhulu isikhalazo mayelana nokugqoza kwamathuba omsebenzi kothisha basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

UNkk Frazer wenza lesi sethembiso nje sokuqashwa kothisha abaningi basesiFundazweni saKwaZulu Natal kuzokhumbuleka ukuthi kusananohlelo lokuqashwa kwabantu abasha ohlelweni lwama-Assistance Teachers olwagunyazwa nguMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.