SECHABA MAKORO

UMPHATHI waseSaphinda Full Services School esigcemeni sakwa-Q eMlazi uthi uzizwa ethobekile ngokuhambela kwethimba leSivubela Intuthuko iphephandaba lomphakathi kuzohlonyiswa abafana bakwa-grade 7 ngezindlela ezinhle zokuziphatha okuyilezo ezizobakha bakhule bengamadoda aqotho emphakathini nasemakhaya imbala.

ISivubela Intuthuko ihambise uhlelo lwayo lweNkunzi Isematholeni kulesi sikole njengenye yezinhlelo zaleliphephandaba lokugcina inhlalakahle emphakathini wesiFundazwe saKwaZulu-Natal.

UNkk Makhosi Mngoma umhleli omkhulu weSivubela Intuthuko uthe lokhu abebekwenza kokuhambisa Inkunzi Isematholeni eSaphinda Full Services School kuhambisana nalokho okwasungulelwa leliphephandba kokwenza umehluko emphakathini. Uthe noma iSivubela Intuthuko kuyiphephendaba elingenzi nzuzo kodwa bayakwazi ukusebenzisana nezinye izinhlangano kuhlanganiswe lokho okukhona bese kuyiwa emphakathini ukuze ubuyelwe yithemba. “Sibonga zonke izinhlangano ezihlanganyele nathi siyiSivubela Intuthuko seza lapha eSaphinda Full Services School sihambisa uhlelo lweNkunzi Isematholeni lapho bekudodiswa khona abafana abasebancane ukubacija ukuze babe ngamadoda aqotho uma esekhulile. Yebo, siyaziqonda izinselelo zokuthi iningi labafana kulezi nsuku likhuliswa ngabazali abangomama ngenxa yezinkinga ezenzekayo othandweni labo kugcine sekuhlukenwe. SiyiSivubela Intuthuko kulapho singenelele khona ukuzonikeza ithemba labo bafana abakhuliswa ngonina bengasekho oyise empilweni yabo sizobanikeza ithemba futhi sibaqinise idolo ngokuthi lokho abakholelwa kukhona kungabaphazamisi kumbe kubanqinde ukufezekisa amaphupho abo. Kube wumzuzu onzima lapho sizwa abanye abafana abebekhala izinyembezi zihlangana esilevini bechaza usizi abakhula phansi kwalo emuva kokuxebuka koyise empilweni yabo. Sinxusa abesilisa ukuba basondele ekukhuleni kwezingane zabo ngoba ziyabadinga,” usho kanje.

UNkk N.Q Bhengu uthishomkhulu waseSaphinda Full Services School ubonge Isivubela Intuthuko ngokuletha Inkunzi Isematholeni esikoleni sabo ethi lokho okwenzekile yikhona kanye lokho isikole esakhelwe phansi kwaso. Uthe isikole sabo siyisikhungo sokucija intsha ukuze ikwazi ukumelana nazo zonke izinselelo ekhula ibhekana nazo empilweni. 

UMelokuhle Mseleku ongumfundi okhuliswe unina yedwa uthe uyakulangezelela ukuba nobaba njengoba engalwazi uthando lukayise empilweni yakhe. Ucele abazali bangafaki ukuhlukana kwabo ezinganeni ngoba lokho kuhlukumeza bona beyizingane bagcine sebencisheka ithuba lokuthola uthando nakobaba. Ucele ontanga bakhe abangenabo oyise ukuqina ngoba lokho kakusho ukuphela kwempilo.