Intatheli yeSivubela Intuthuko

UMasipala waseMandeni wenze isinyathelo esibalulekile sokukhuthaza ukufunda nokubhala ngokwethula ngokusemthethweni uhlelo lwamakilabhu Ezincwadi mhla ziyi-11 kuMandulo 2025 eSbusisiwe Hall. Lo mcimbi, ohlelwe yiLibrary Unit yomkhandlu, uphawule ukuqala kohlelo oluzogqugquzela uthando lwezincwadi, ukukhulisa ingqondo, nokwakha izindawo zokuxhumana phakathi kwabafundi nababhali bendawo. Lolu hlelo lubonakala njengengxenye ebalulekile yokuthuthukiswa komphakathi kanye nokufunda impilo yonke.

Iziphathimandla kuloMasipala zigcizelele ukubaluleka kokufunda njengendlela yokuguqula izimpilo, bethi “Ukufunda kuyimpilo” nokuwumyalezo obonisa ukuzibophezela kwabo ekuqiniseni imfundo nasekuhlanganiseni umphakathi. Ngokusebenzisa izincwadi njengamathuluzi okukhulisa abantu, uMasipala waseMandeni ukhombisa ukuzimisela kwakhe ekwakheni ikusasa eliqhakazile.

Ngaphezu kwalokho, loMasipala uphinde waba nomcimbi  waminyaka yonke wokwethulwa kwezincwadi zababhali bendawo ngoLwesihlanu, ziyi-12 kuMandulo 2025 khona eSbusisiwe Hall. Lo mcimbi ugqamise ubuciko bababhali bendawo, 

obuhlanganisa izindaba ezihlukahlukene ezikhombisa izifiso, izinselelo, namasiko omphakathi wakule ndawo. Ababhali abebekhombisa imisebenzi yabo bahlanganisa uDr Themba Mthiyane onencwadi ethi “Izithukuthuku Zentandane”, uNksz Snenhlanhla Mthimkhulu ongumbhali wencwadi ethi, “Almost a Love Story That Never Was”, uNksz Fortune Nkwanyana wencwadi ethi “Rise and Grind”, u Nksz Pamela Ndlovu wencwadi ethi “Choose Freedom in 365 Days”, kanye no Mnuz Mxolisi Nxumalo wencwadi ethi “The Second of Midnight.”

UMasipala ukhuthaza izakhamizi ukuthi zisekele ababhali abakhombisa izwi lomphakathi, umlando, nobuciko bendawo ngohlelo lwamakilabhu ezincwadi.