SECHABA MAKORO

ABEZEMVELO KZN Wildlife bahambela izikole ngenhloso yomkhankaso wabo abawuqalile wokufundisa abafundi nemiphakathi eyakhele iziqiwu ngokukwazi ukubhekana nezilwane eziyingozi uma kwenzekile zeqa lapho zigcinwe khona. 

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba ngokhulumela ezeMvelo KZN Wildlife uMnu Musa Mntambo kuvele ukuthi ngalokhu kufundiswa kwabafundi izinsuku ezintathu kakhulukazi abakhele isiqiwu iHluhluwe Mfolozi Park bahlose ukuzoqinisa ubudlelwano bokubambisana nomphakathi nabezeMvelo nanokuqonda ngempilo yezilwane ezigcinwe eziqiwini.

AbezeMvelo bathe ngokuhambela kwabo bazolungisa nemibiko engesilona iqiniso esabalale ezinkundleni zokuxhumana emasontweni edlule ngokubonakala kwamabhubesi abalelwa kwawu-57 obekuthiwa eqe esiqiwini.  Bathe eminye yalemibiko beyingesilona iqiniso ngoba bekwenzeka abantu babone ibhubesi elilodwa ngokwehlukana bese kuba sengathi asemaningi acanasa ngaphandle kweziqiwu. 

Lapha kuhanjelwe izikole  eziwu-12 okuyiNhlungwane High, Zwelonke High, Ntilinga Primary, Buhlebemvelo Primary, Njomelwane Primary, Nqulwane Primary, Mazonke High, Nqolothi Primary, Zilulwana Primary, oKhukho Primary, Hlushwane Primary naseMthunziwoxolo High. 

UMnu Sihle Mkhize oyi-Chief Executive Officer (CEO) ebambile yezeMvelo KZN Wildlife uthe imibiko engesilona iqiniso beyibahlukumeza abafundi ngoba bese bephila ngokusaba uma beya noma bebuya ezikoleni. Uthe kuze kwasabalala  namampunge okuthi abezeMvelo bazokhipha amabhasi azohambisa abafundi ezikoleni. “Sizwile ukuthi ukusabalala kwezindaba zokweqa kwamabhubesi kuze kwaletha ingcindezi nakubazali bagcina sebegodla izingane zabo ukuya ezikoleni. Lamampunge abesesabalele yiwona enze ukuthi sigcine sihlela lo mkhankaso wokuphumela ngaphandle emphakathini siyofundisa nangokubhekana nodlame lwezilwane zasendle eziyingozi. Kalukho uhlelo olwethulwe ngabezeMvelo lokukhipha amabhasi azohambisa abafundi ezikoleni,” kusho uMnu Mkhize.

UMnu Mkhize uthe ngalomkhankaso bafundisa abantu ngokumele bakwenze nokumele bangakwenzi uma bebhekene nodlame lwezilwane zasendle kakhulukazi amabhubesi. Uthe akangabazi ukuthi lokhu abahlonyiswa ngakho kuzoluqeda novalo kwintsha ngalezi zilwane. Wengeze ngokuthi izilwane zasendle zibaluleke kakhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal njengoba kukhona nezinye ezisetshenziswayo uma kunemicimbi emqoka yaseNdlunkulu nanokuthi abantu abakhele iziqiwi baphefumula umoya ohlanzekile onempilo ngenxa yokunakekelwa kwemvelo.