MAGAYE CELE

UMKHANDLU waseMandeni oholwa nguKhansela uThabani Mdlalose sewuthule ngokusemthethweni uhlelo lokuhlanganisa abafuyi abakhiqiza izitshalo nabafuya izikhukhu nezinkomo ukuze bazodayisa imikhiqizo yabo njalo ngoLwesine.

UMnuz uMlungisi Xulu oseMnyangweni wezoLimo ngaphansi koMkhandlu waseMandeni uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuphumelela kwalolu hlelo lokukhuthaza abafuyi ukuba bathole ithuba eliyingqayizivele lokuba badayise kahle yonke imikhiqizo yabo enhlobo nhlobo.

“Siqoqe bonke abafuyi abakhiqizayo izitshalo zabo nabafuya izinkukhu nezinkomo. Abalimi bethu bebehlushwa kakhulu ukuthi abazi bazoyidayisa kanjani futhi kuphi imikhiqizo yabo. Manje ke njengoMkhandlu waseMandeni sibanikeze ingqayizivele yethuba lokuba badayise imikhiqizo yabo ngokukhululeka,’’usho kanje.

UMnuz uXulu uthe okuyikhona obekumqoka kakhulu bekungukuqinisekisa ukuthi njengoMkhandlu waseMandeni bayabalekela abalimi ngokuthi bathole indawo ekahle yokudayisa kahle imikhiqizo yabo futhi bakwazi nokuthi benze inzuzo ukuze nabo bezokwazi ukuthi baziphilise bona kanye nemindeni yabo.

“Abantu bethu abangabalimi abavela ezindaweni ezahlukene sibaqoqile bonke sabahlanganisa lapha. Siqoqe nabalimi basemapulazini. Abalimi bethu bajabule kakhulu ngoba nabo bayayenza inzuzo. Sihlela ukuthi lokhu sikwenze njalo uma kunguLwesine,’’usho kanjena.

UKhansela Zamile Mhlongo oyilungu le-Exco kuMkhandlu waseMandeni uthe okuyikhona okumqoka kakhulu ukuthi abalimi bakwazi ukuthi baxoshe ikati eziko. 

“Lolu hlelo sikholwa ukuthi luzobonakala lwenza umehluko omkhulu kubalimi bethu,’’usho kanjena.

Lolu hlelo kuhlalulike ukuthi lwethiwe elokuthi yiMandeni Flee Market. Abalimi baseMandeni bazwakalise ukulincoma kakhulu lolu hlelo lwalo Mkhandlu.

Kuzokhmbuleka ukuthi iMeya yalo Mkhandlu, uKhansela uMdlalose uye akuchaze njengento ebalulekile njalo ukubaluleka kokufukulwa kosomabhizinisi abancane abasemikhakheni eyehlukene.

Kuhlalukile ukuthi uMkhandlu waseMandeni lolu hlelo uluqhuba ngokubambisana neLembe Enterprise.