MAGAYE CELE

LOYO onguNgqongqoshe wezeNhlanzeko kanye naManzi eNingizimu Afrika jikelele, uMnuz Senzo Mchunu uthembisa ukungenelela kwingwadla yokungabibikho kwamanzi enele esiFundazweni saKwaZulu Natal.

UMnuz uMchunu ubekade ekhuluma kabanzi ngezindawo ezahlukene ezikhona esiFundazweni saKwaZulu Natal ezibonakala zinenkinga enkulu yamanzi.

UMnuz uMchunu uveze ukuthi uMnyango wakhe umatasa wenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iphenduka umlando inkinga yamanzi ebhekene nabantu abaningi basesiFundazweni saKwaZulu Natal namaphethelo.

“Sizmisele ngokuthi senze konke okusemandleni ethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi siyixazulula ngokushesha inkinga yamanzi ebhekene nabantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal. Siyazi ukuthi lena yinkinga ebonakala ibahlalise kabuhlungu kangakanani,’’usho kanjena.

Lo ngqongqoshe udalule ukuthi njengoMnyango wezeNhlanzeko kanye namanzi eNingizimu Afrika bayazi mayelana nokuthi inkinga yamanzi esiFundazweni saKwaZulu Natal isize yakapakela nasezindaweni ezisemalokishini.

UMnuz uMchunu uthe inkinga enkulu newumnyombo wenkinga yamanzi emalokishini asesiFundazweni saKwaZulu Natal yingqalasizinda yakhona akuveze ngokusobala ukuthi isindala kakhulu.

Uveze ukuthi kwamanye amalokishi ingqalasizinda yakhona isingaphezulu kweminyaka eyikhulu yabakhona, lokho uthe kugcina sekudala inkinga enkulu ekusatshalalisweni kalula kwamanzi ukuze afinyelele kubantu abasemalokishini.

“Ukuba sesimweni esingagculisi kwengqalasizinda ezindaweni ezingamalokishi esiFundazweni saKwaZulu Natal yikhona okuyimbangela enkulu yokuthi namalokishi agcine esezithola esebhekene nenkinga enkulu yokushoda kwamamnzi,’’usho kanjena.

Yize kunjalo uMnuz uMchunu uthembise ukuthi uMnyango awuholayo kuzwelonke uzobhukula wenze isiqiniseko sokuthi luyalunga udaba lwamanzi oluhlupha abantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal abasezindaweni ezahlukene.

Uthe kulokoza inhlansi yethemba ukuthi kuyothi kuphela unyaka kuyobe sekubonakala ukuthi le nkinga iyalunga. 

Uthe okwamanje kusanohlelo lwamathangi olusetshenziswayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu baKwaZulu Natal bayawathola amanzi.