MAGAYE CELE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda uthembisa ukuthi uMkhandlu awuholayo uzosukumela inkinga yabantu abangabahlali basemijondolo baseResevior Hills.

IMeya yeTheku uKhansela uKaunda ubekade ekhuluma kabanzi ngezinkinga ezigubazele le ndawo kanye nangentuthuko okufanele ibonakale iphuthunyiswa ngokushesha kule ndawo.

UKhansela uKuanda ubekade ekhuluma emhlanganweni omkhulu obukade uphakathi kwawo uMkhandlu weTheku kanye nabahlali basemijondolo baseResvior Hills.

UKaunda uthe abahlali bakule ndawo kuyilungelo labo eligcwele ukuthi babonakale bethola zonke izinhlobo zezinsiza abazidingayo ngaphandle kokuthi baze babhikishe okanye basabise ngalokho.

“UMkhandlu weTheku uzimisele ngokuthi wenze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abahlali bakule ndawo bazithola bephila impilo ekahle futhi kungekho abashoda ngakho okuyizidingo zokuphila ezibalulekile. Sizimisele ukuthi senze konke okusemandleni ethu ngenhloso yokuqinisekiusa ukuthi lokhu kuyenzeka,’’usho kanjena uKaunda.

Eqhuba uKhansela uKaunda uthe bona bawuhulumeni olalelayo wathi yingakho nje bethathe isinqumo sokuthi babize umhlangano wokuthi kulalelwe izimvo kanye nazo zonke izinkinga ezahlukene ezibonakale zigubazele abahlali basemjondolo baseResivior Hills.

“Thina siwuhulumeni obalalelayo abantu uma bekhuluma ngaso sonke isikhathi. Yingakho nje namanje sizimisele ngokuthi siphinde senze konke okusemandleni ethu njengoMkhandlu weTheku ukuze kusizakale bonke abantu abangabahlali baseResivior Hills,’’usho kanjena egcizelela uKhansela uKuanda.

Kuningi uKhansela uKuanda akhulume ngakho nabantu bakule ndawo. Phakathi kokunye kwakho kube uhlelo olumqoka lokuqoqwa kukadoti athe kumele lubonakale luhamba kahle ukuze amalunga alo mphakathi ezogculiseka.Uthe ufuna ukubona uhlelo lokuqoqwa kukadoti kule ndawo lungakhinyabezeki kodwa luhambe kahle ngaphandle kwezihibe