SECHABA MAKORO

UDKT Sibongiseni Dhlomo uthi lukhulu olungazuzwa yisizwe samaZulu uma amakhosi oSelwa engalalela imiyalelo ayitshelwa ngokhokho bawo abaleleyo ngakufunayo okungathuthukisa isizwe sikaPhunga noMageba.

Ubesho kanje ehlonipha okwenziwe yiNkosi Khethokuhle Zondi yesizwe saKwaMpumuza eMgungundlovu kokuhlanganisa intsha izokhuzwa ngokusetshenziswa budlabha kwezidakamizwa. UDkt Dhlomo ushayele izandla iNkosi Zondi ngokulalela okhokho bayo abangasekho abayiyalele ukuphumela esizweni ukuyokhuthaza izimfundiso okwakuphilwa ngazo endulo. Uthe amakhosi kumele azi ukuthi impilo yawo kayipheleli ngokuxhumana nabantu abaphilayo lapha emhlabeni kodwa nabaleleyo bakhuluma ngawo. “Amakhosi anomsebenzi omqoka ezizweni zawo ngoba lezi zihlalo kakusizona zawo kodwa abekwe kuzona yizinyanya zesizwe ukuzibheka. Lokhu okwenzeka lapha kwaMpumuza yilokho okwakulelwa yiSilo esibuzile uBhejane phum’ esiqiwini kokufisa ukubona intsha engamaZulu izihlonipha kanye nemizimba yayo. Ngakuthokozela kakhulu ukusebenza noNgangezwe lakhe ezinhlelweni zezempilo ngoba lokho kwawenza walula umsebenzi kahulumeni ngenxa yokungenelela kwakhe. Engakuqaphela kuyena ukuthi uma ekhuthaza ezempilo wayeqala ajule emkhulekweni acele kuNkulunkulu ukuthi lokhu akufisayo kuhambe ngempumelelo. Nalokhu okwenzeka namhlanje  KwaMpumuza ngibonga iNkosi Zondi ngokuvumela okhokho bayo ukukhuluma ngayo ngabafisa kwenzeke ekugcineni lesi sizwe siphilile,” usho kanje.

Ephetha uDkt Dhlomo ukhuze ukukhula ngesivinini kwesihlava sokunukubezwa ngokocansi kwabantu abadala nezingane iningi lakho okuvela ukuthi kwenziwa ngamabhobhodleyana. “Ayikho into ebuhlungu njengokulapha ugogo omdala obedlwengulwa wumfana omncane. Bayalimala ogogo ngesikhathi benukubezwa abanye bagcine beshona ngenxa yezinhlungu. Ngempela uwumfana wakweni oneminyaka ewu-20 umkhanukela kanjani ugogo oneminyaka ewu-80?” kubuza uDkt Dhlomo.