TSEPO MOTLOKOA

ZIHAMBELA phezulu izikhulu zikaMasipala waKwaDukuza kulandela ukuthi lo masipala uklonyeliswe ngoR1 million ngokuhamba phambili ekuhlinzekeni izakhimizi eziwakhele ngezidingo ngqangi ikakhulukazi ekuqoqweni kwemfucuza ngenhloso yokuvimba ukunganukubezeki kwemvelo.

Sekungokwesibili ukuthi iminyaka ilandelana uMasipala waKwaDukuza uchonywe uphaphe legwalagwala ngokwenza kahle emphakathini nangokugcina imithetho yokuthuthwa kwemfucuza igcinwa wumphakathi kuhlanganisa nokulahlwa kukadoti ezindaweni ezigunyaziwe.

Lo mcintiswano obuse-Inkosi Luthuli International Conventional Centre (ICC) eThekwini ohlomulise abaKwaDukuza bewubizwa nge-Greenest Municipality Competition bewuhlelwe wuMnyango wokuThuthukiswa koMnotho, Ezokuvakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal. Waqalwa ngo-2001 lapho okwakugqugquzelwa khona omasipala ngokufundisa imiphakathi ngokubaluleka kokunakekelwa kwemvelo nokuqoqwa kwemfucuza egcina iyinukubeza. 

Kuvela ukuthi usuke uvuleleke kubona bonke omasipala KwaZulu-Natal kodwa kubekwe imithetho eqinile ukuze bagcine bephumelele njengoba owaKwaDukuza uqophe umlando ngokudla uhlanganiso iminyaka emibili ilandelane lokho okwenza izikhulu zawo izihlathi zivakashele izindlebe. 

Lapha umasipala ubekelwa umbandela wokuza nohlelo olucacile lokuqoqwa kwemfucuza, nokuba nemigomo ephilayo kuhlanganisa nokubambisana nazo zonke izinhlaka ekugcinweni kwemvelo inganukubezeki. UNkk Lindi Nhaca oyiMeya kuMasipala waKwaDukuza uthe ngale mali abayihlomulile bazoyisebenzisa ukuza nezinhlelo ezintsha futhi ezinqala zokubhekelela ukulahlwa kwemfucuza. Uthe umasipala usahlalelwe wumsebenzi omqoka wokugxilisa ukufundisa ngokunakekelwa kwemvelo emphakathini ebonga ukubambisana nabantu emkhankasweni wabo. Uthe kunomsebenzi wokuthi kuhanjelwe lezo ndawo ezisalele emuva kufundiswe aabntu ngokubaluleka kokulahla udoti ezindaweni ezigunyaziwe bangalahli noma kuphi lokho okunukubeza imvelo kuphazamise nezinhlelo zikamasipala zokugcina izindawo zihlanzekile