Udaba oluthunyelwe

UMASIPALA wasOndini wazisa umphakathi ngokuvalwa kwesikhungo sokubhalela izincwadi zama – Learners. Lokhu kulandela isigameko esenzekile ngezikhathi zasekuseni namhlanje lapho umfundi obezovivinyelwa incwadi zokushayela wanyathela ngamandla wasuka enkundleni yokuvivinywa waze wayovinjwa yizindlu zokubhalela.

Kulesi sigameko kulimale isisebenzi sikaMasipala sishayiswa yileli loli obekuvivinywa ngalo lona. Umphakathi uyaziswa ukuthi okwamanje ngeke kubhaliselwe ukubhala izivivinyo ze-learners futhi azikho nezivivinyo ezizobhalwa ngenxa yalesi simo. Umphakathi uyanxuswa futhi ukuthi usibekezelele njengoba sisabhekene nalenkinga. Uzokwaziswa umphakathi uma sekulungile. Okunye kulesi sikhungo kuzoqhubeka.