MAGAYE CELE

UMKHANDLU weTheku oholwa nguKhansela Mxolisi Kaunda sewubeke eceleni imali eshisiwe elinganiselwa ku-R450 million ezosetshenziselwa ukuthi kuthengwe amabus amasha oMkhandlu.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi ezokuThutha ngenye yezinto lo mkhandlu ohlezi ukuveza ngokusobala ukuthi uzibeka eqhulwnini ngoba zibalulekile kakhulu. 

Izindaba zokuthengwa kwamabus amasha oMkhandlu zivezwe nguMnuz Sandile Mnguni ongesinye seziKhulu eziphezulu kuMkhandlu weTheku esibhekelele kakhulu ezezimali kulo Mkhandlu.

UMnguni ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kwezokuThutha zeDolobha, iTheku. Kuvele ukuthi le mali izosetshenziswa eminyakeni embalwa ezayo njengoba kuzoba nesidingo sokuthenga amabus amasha oMkhandlu.

UMkhandlu weTheku kuvele nokuthi uyazigqaja kakhulu ngokuningi okwazile ukukuzuza nokuthi ukwazi ukuthi ukwenze ngenkulu impumelelelo le eminyakeni embalwa eyedlule.

Phakathi kwalokho kubalwa uhlelo oluhlabahlosile kakhulu lwezokuThutha nelwathakaselwa ngabantu abaningi lweGo Durban.

Lolu hlelo uMkhandlu weTheku uthe uyakujabulela kakhulu ukuthi lona lubonakale luhamba kahle kakhulu nakuba bekukhona inqwaba yezingqinamba ebezingagcina seziholelele ekutheni lolu hlelo olumqoka kangaka nalo lugcine selubonakala lukhinyabezeka nje kalula.

Kuningi okunye uMnuz Mnguni aveze ukuthi uMkhandlu weTheku umatasa usezinhlelweni zokuthi ukulungise ngokukukhulu ukushesha lokhu.

Phakathi kwalezo zinto ubalule inkinga enkulu yokungabibikho kwamanzi. UMnuz Mnguni uthembisile ukuthi uMkhandlu weTheku usebenza ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi inkinga yamamzi ishabalalisa okwamazolo ebona ilanga.

Kuningi kakhulu okunye uMnuz Mnguni athe uMkhandlu weTheku uhlela ukulungisa ngokushesha.