MAGAYE CELE

UMKHANDLU weTheku usembhidlangweni wokuhlanza leli dolobha libe sesimweni elalivele laziwa ngaso eminyakeni eyedlule.

Loyo oyiPhini likaMeya, uMnuz Philani Mavundla uthe bazokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bayalihlanza idolobha, iTheku.

UMavundla uveze ukuthi lo mkhankaso uqhutshwa yiDolobha iTheku kanye ngokubambisana nekomidi elibhekelele inhlanzeko.

“ITheku selidume njengedolobha elingcole kakhulu eNingizimu Afrika yonke. Selize lingcola kakhulu selize lidlula ngisho uMsunduzi. Angeke ke size sikuvumele ukuthi iTheku lingcole kanjena sizokwenza isiqiniseko sokuthi iTheku siyalihlanza,’’kuchaza uMavundla.

Eqhuba uthe bazibophezele ekutheni bawuqhube kakhulu lo mkhankaso wokuhlanza iTheku. “Kunabantu abanezimvume zokudayisa sebeze bebabaningi kakhulu. Abanye babo abavumelekile nokuthi bangadayisa edolobeni iTheku.

Uveze ukuthi kunanabantu abadayisela noma ikuphi abangwuhloniphi umthetho wokuthi kunezindawo zokudayiswa ezibekelwe lokho. 

“Kunabantu abavele bakhethe ukuvele badayisele noma ikephi okuyinto engavumelekile leyo. Ethekwini kunomthetho omayelana nezokudayisa. Awuvele nje uvuke ekuseni usuyodayisa,’’usho kanjena.

UMnuz Mavundla uthe okwabo njengoMkhandlu ukuqinisekisa ukuthi leli dolobha libonakala liyindawo esesimweni esihle ngaso sonke isikhathi. 

Wathi yingakho ke bethathe isinqumo sokuthi basukume baqinisekise ukuthi iDolobha iTheku liba yindawo engcono kakhulu kunale elibonakala liyilo manje.

UMnuz Mavundla ube esephonsela inselelo bonke abantu baseThekwini ukuba nabo basebenzisane nabo njengoMkhandlu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iTheku liyahlanzwa ukuze lizobuyelwa isithunzi laso.

“Ngikholwa ukuthi njengamanje ukuhlanzwa kwedolobha, iTheku yinto emqoka kakhulu. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi uma kukhulunywa ngeTheku abantu bacabange indawo enhle kakhulu, ehlanzekile nabakuthakaselayo kakhulu ukuthi babe kuyona,’’kuphetha uMnuz Mavundla.

NeMeya yeTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda naye usanda kuzwakalisa ukungenami kwakhe ngokungcola kwedolobha,iTheku.