TSEPO MOTLOKOA

UMASIPALA wesiFunda seLembe uqinise ubudlelwano obuhle phakathi kwezisebenzi nomqashi ngenhloso yokugcina kuhanjiswa kahle intuthuko kubantu njengoba wenze ingqungquthela yezinsuku ezimbili lapho obekucobelelwana ngamasu amahle angasetshenziswa ukuthuthukisa abantu abakhele lesi sifunda.

Le ngqungquthele ebingomhlaka 17-18 kuMarch KwaMaphumulo Council Chambers beyiholwa iMeya yeLembe uKhansela Thobani Shandu ehambisana nethimba elisemkhandlwini kamasipala ewuholayo okufaka usomlomo nezinye izikhulu eziphathiswe izikhundla eziphezulu kulomasipala. Nabezinyunyana zezisebenzi zomasipala okuyi-South African Municipal Workers Union (SAMWU) ne-Independent Municipal and Allied Trade Union (IMATU) bebeyingxenye yale ngqungquthela. 

ISIVUBELA INTUTHUKO ithole ukuthi le ngqunguthela beyizoqinisa amaxhama ezokuxhumana ngokuthi kubanjiswane ekuqondeni izinselelo ezibhekene nezakhamizi kanjalo nokudweba uhlaka olucacile lokuhambisa intuthuko kubantu. 

Ekhuluma nenhlosongqango nalokho abakubhekile uMnu Shandu iMeya uthe ngalokhu kuhlangana kwabo bazoqinisa uhlaka lokusebenza ngokuhlanganyela kwezisebenzi nokuvala isikhala esingagcina sibavimbela ekwenzeni lokho okumelwe wumasipala wabo kokuthuthukiswa kwabantu. “Sikholwa ukuthi izinqumo ezizothathwa lapha zizogculisa zonke izinhlaka phakathi kwezisebenzi nomasipala ukuze usebenze kahle. Siyethemba ukuthi sizosebenzisana kahle ekugcineni imithetho yezisebenzi ukuze kusizakale umphakathi,” usho kanje.

USomlomo weLembe uKhansela Dolly Shandu ucele ukubambisana nezinyunyana ukuza nohlelo lwazo nangokuthi kunxuswe izisebenzi zikamasipala ukukhokhele lokho ezikutholak umasipala njengogesi namanzi. 

Le ngqungquthela isongelwe emahhovisi kamasipala ILembe lapho kubuyekezelwe khona izinqumo ezithathiwe ebezigxile kakhulu ekubhekeleni ukugcwaliswa kwezikhala zemisebenzi kamasipala (filling of vacancies), ukubhekwa kwemisebenzi (job evaluation), izindlela zokusebenza (working conditions), imihlomulo yezimoto (car allowance) nokunye.  

Iphini lemeya uKhansela James Van Whye uthe uyathemba ukuthi izinqumo ezithathiwe zizosebenza kahle kwamasipala kubonakale nokusebenza kwesabelo mali sikamasipala. Uthe amaphuzu aphakanyisiwe amqoka ukholwa ukuthi nentuthuko ziohanjiswa kahle kubantu.