TSEPO MOTLOKOA

KUQHUME umkikizo emphakathini waseMaswazini eMgungundlovu ngesikhathi aboMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal abebeholwa wumphathiswa wawo lo mnyango uNkk Neliswa Nkonyeni behambele kule ndawo bezonika inkontileka eqokelwe ukuwakhela umgwaqo odle uR289 million.

UNkk Nkonyeni kade eyothula ukuqalwa kokwakhiwa kwalomgwaqo uyale usonkontileka othole lo msebenzi  ngokuthi kulesi sizumbulu semali kumele nakanjani u-35% wayo ubuyiselwe emphakathini ngokuthi kuqashwe intsha, abesifazane nabakhubazekile kuphinde kubhekelelwe nosonkontileka abasafufusa ukuze nabo baziveze ngemisebenzi emincane ezovela ngokwakhiwa kwalo mgwaqo.

Lesi sicelo sikaNkk Nkonyeni sinanelwe nanguMnu Welcome Ndlovu owuNdunankulu wesizwe saKwaMpumuza obezokwamukela abomnyango yena othe bakujabulele ukubona izikhulu zoMnyango wezokuThutha zisukumela ngokushesha isicelo sabo bewumphakathi sokulungiselwa umgwaqo owawusukhalise abantu abaningi ngokufelwa yizimoto. Uthe ngokulungiswa kwalo mgwaqo sekuzokwenza impilo ibe lula ngoba uxhumanisa izigodi eziningi ezakhele iKwaVulindlela. “Okunye okusihlaba umxhwele wuhlelo lomnyango lokubeka phambili abantu bendawo ekunikezweni imisebenzi emincane evelayo ngesikhathi kwakhiwa umgwaqo. Ukunikezwa ithuba abantu bendawo kusiza kakhulu osonkontileka ngoba basebenza ngokukhululeka bebambisene nabantu bendawo kugwemeke nemibhikisho egcina iphazamisa intuthuko. Yebo, siyayibona intsha izimisele ekusebenzeni kulolu hlelo lokwakhiwa komgwaqo,” kusho uMnu Ndlovu. 

UNkk Nkonyeni uthe umnyango wakhe uwavule wonke amehlo ubhekile ukuthi izosetshenziswa kahle yini le mali. “Sizotshela nomphakathi ukuthi lo msebenzi ozoqalwa lapha ngowawo ngakho siwuhulumeni kuzosijabulisa ukubona amalungu omphakathi enikezwa ithuba lokucosha ubuchwabalala ngemisebenzi emincane ezobe ivela ukuze axoshe indlala emakhaya,” usho kanje.