TSEPO MOTLOKOA

OPHATHISWE uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMnu Sipho Hlomuka uqinisa ezokuxhumana namakhosi aseNdlunkulu njengoba enikele ngama-tablet anobuchwepheshe besimanje ukuze ahlale enolwazi ngokwenzekayo.

Ekhuluma ese-Archie Gumede Conference Centre eMayville eThekwini uMnu Hlomuka lapho ebenikela khona ngama-tablet emakhosini esifundazwe uthe ufisa ukusebenzisana kakhulu namakhosi ngokuthi angasali emuva ngezokuthuthuka. “Ukubheduka kwe-COVID 19 kusifundise izinto eziningi njengoba sikwazile ukubona ukuthi kuyasebenzeka noma usekhaya inqobo nje uma unakho kwezokuxhumana. Njengoba sikwi-Fourth Industrial Revolution (4IR) izinto sezisebenza ngezobuchwepheshe sibone kukuhle ukuhlinzeka amakhosi KwaZulu-Natal ngama-tablet. Ngalama-tablet sifuna ukusebenza namakhosi noma esemakhaya singalokhu silinda ukuthi siyoze sihlangane. Umsebenzi wethu ukubafundisa ekusebenziseni i-computer nanokuthi kuxhunyanwa kanjani nomuntu ongekho eduzane kwakho kusetshenziswa uhlelo lwezokuxhumana lwesimanje,” usho kanje.

UMnu Hlomuka uzishaye isifuba ngokuphucula izakhiwo zokusebenzela amakhosi okuyizinkantolo njengoba ethe lezi ezindala bayazivuselela ukuze nazo zibe sesimweni esihle sokusebenzela. Uthe ngalokhu kuvuselwelwa kwezinkantolo bazoqinisekisa ukuthi izakhiwo zamakhosi ziphelele kungabi khona umuntu ozolimala uma ezihambele. “Ohlelweni lwesabelo mali lwanyakenye siqinise ukuvuselela izinkantolo nengoba ezinye zazo zithengelwe amafenisha amasha. Sifisa ukuthi namakhosi azizwe ehloniphekile ngokuthi lapho esebenzela khona kube ukuthi konke kuhamba kahla kubonakale ukuthi asemsebenzini ngenxa yefenisha esezinkantolo zawo. Sizoqhubeke sidlulele kwezinye izinkantolo zamakhosi esingakafinyeleli kuzona nejngoba kwisabelo mali sonyaka zikhona izinhlelo zokwakhiwa nokuvuselelwa kwezinkantolo zamakhosi. Kunemali esibekwe eceleni ekwenzeni ngcono izinkantolo zamakhosi nonyaka,” kusho yena.

Kayisalanga ngaphandle eyokudlanga kokubulawa kwamakhosi nezinduna  KwaZulu-Natal. Uthe bewumnyango kuyabathinta nabo futhi kuyezwela. “Sizoqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa baboshwe noma sazi ukuthi lokho ngeke kusawubuyisa umphefumulo osulahlekile. Sizokwenza ngoba sivimba ukuthi lingaze libe liningi igazi eliphalalayo ngaphansi kweNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal,” kusho uMnu Hlomuka.