MAGAYE CELE

UMEYA woMkhandlu waKwaDukuza enyakatho yesiFundazwe, iKwaZulu Natal, uNkk Lindiwe Nhaca usephumele obala wasigxeka kakhulu isehlakalo sokusasazelwa ngezinja kwabesifazane abaqashwe kwaCensus ukuba baqhube umsebenzi omkhulu wokubala abantu bengena umuzi nomuzi.

UKhansela Nhaca uzwakalise ukudumala kwakhe okukhulu njengoba kuvela ukuthi omunye wesifazane usasazelwe ngezinja eziyingozi waphuma ngesamagundane komunye umuzi. Kuthiwa ulimale kabuhlungu kulesi sigameko okuthiwa senzeke endaweni ePiscess.

UKhansela uNhaca ukhale kakhulu ngonya olukhonjiswe yilabo abathumele izinja kulaba besifazane ebebesemsebenzini ngesikhathi bevelelwa yilo mshophi. 

Oyedwa kulaba besifazane ulimale kabuhlungu kwaze kwaphoqa ukuthi agcine eseze ephuthunyiswa emtholampilo iGlenhills.

“Imbi kakhulu lento eyenzekile futhi angazi ngampela ukuthi ubani lona onesibindi sokuthi enze into ekhombisa unya ngalolu hlobo. Ngizwakalisa ukudumala kwami okukhulu enginakho ngalento embi kangaka eyenzekile. Kuyamangaza kakhulu ukuthi kulesi sikhathi samanje sentando yeningi kunabantu abasanonya ngalolu hlobo,’’usho kanjena.

Eqhuba uMeya uNhasa uthe akekho noyedwa umuntu onelungelo lokuthi asasazele omunye ngenja ngoba leso yisenzo esibonakala sisimbi kakhulu futhi esibonakala singenabo nje nhlobo ubuntu. 

“Mina ngazi ukuthi akekho noyedwa umuntu onelungelo lokuthi amane athumelele omunye umuntu ngezinja ngoba nakhu efuna ukuthi zimlimaze. Lento eyenzekile akufanele iphinde siyibona yenzeka kule ndawo yakithi,’’usho kanjena.

Eqhuba uKhansela Nhaca uthe lokhu okwenzekile kuveza ngokusobala ukuthi baningi kakhulu abantu abasadinga ukufundiseka kabanzi mayelana nohlelo oluqhubekayo lokubalwa kwabantu. 

Uthe ukube abantu bebefundiseke kahle futhi benalo ulwazi ngalolu hlelo ngabe isimo esifuze lesi asizange sibe khona. Uthe kungakuhle uma kungase kube nomkhankaso okhumbuza abantu ngalo msebenzi wokubalwa kwabantu.