TSEPO MOTLOKOA

ABASEMNGENI Water Amanzi KwaZulu-Natal babonga izisebenzi zabo ezibe sesikhaleni yempi yokulwa neCOVID-19 ezizijubile zadela isikhathi sazo zasebenza ukuqinisekisa ukuthi abantu kabasali bengenamanzi ngesikhathi iNingizimu Afrika ikwimvalelwandlini ngesikhathi sikathaqa kwakumise zonke izinto ukusebeza kuzanywa ukunqanda ukubhebhetheka kwaleli gciwane elalidla silaza nafumuka.

NgoLwesine abaseMngeni bebenesidlo esikhethekile eThekwini lapho bebechaza khona ngezinhlelo zabo zokugcina izakhamizi eziphakelwa amanzi yile nkampani zigcine zithembele kulenkampani. Kuyaziwa ukuthi iningi lomasipala baKwaZulu-Natal lisabalalisa amanzi kubantu ngosizo loMngeni okuyiwona oqikelela ukuthi abantu baphuza amanzi ahlanzekile nanempilo.

UNksz Ziphozethu Gabsie Mathenjwa owuSihlalo weBhodi leKomidi laseMngeni Water uthe naphezu kokuba bayakhuluma ngenkampani yabo kube ukuzinikela kwezisebenzi zabo eziwe zivuka ziqikelela ukuthi bantu bathola amanzi ahlanzekile. Uthe izisebenzi zabo zizidele kunzima zazinikela emsebenzini ngoba zenzela ukuthi ngesikhathi abantu behleli emakhaya kube ukuthi bathola amanzi ahlanzekile okuyilawo asatshalaliswa yinkampani yabo emphakathini. “Siye sazibophezela ukuthi ngesikhathi somvalelwandlini izinhlelo zethu zokusabalalisa amanzi kaziphazamisekanga. Kanike nicabange nje ukuthi kwakuyobanjani ukuba kwabheduka iCOVID-19 kwaqondana nokuthi kasinawo amanzi.  Kuyimanje sinezinhlelo ezinqala zokuthuthukiswa kwengqalasizinda yethu njengokwakha amadamu elinye lawo elizoba eMkhomazi nesikholwa ukuthi kuzozuzisa abantu abaningi ngokwakhiwa kwalo ikakhulukazi ezindaweni eziseningizimu yeTheku. Sibonga nokugcina buphila ubudlelwano bethu siwuMngeni Water esesibakhe nabanye omasipala abangaphansi kwesiFunda iKing Cetshwayo bokuthembela kithina ekubahlinzekeni ngamazni ahlanzekile,” usho kanje.

Eqhuba uNksz Mathenjwa nemiphumela yango-2021 okuyinhlolovo yezinhlelo zabo zokusabalalisa amanzi emphakathini bewuMngeni Water uthe kunoR14.5 million obubekelwe eminye imisebenzi yokuqhubeka nokusabalalisa kwamanzi emphakathini. “Sinomyalezo esiwudlulisa kuzona zonke izisebenzi zaseMngeni Water Amanzi ukugcina zisesimweni esihle ziqhelelane nenkohlakalo. Kuyimanje kunamacala okuqondiswa izigwegwe okumele kufike uJune sesiwaphothulile. Kasikwazi ukuthula siyikomidi senze sengathi kakwenzanga lutho uma sibikelwa wumphakathi ngezisebenzi zethu ezingenzi kahle. Simelwe ukulandelela kutholakale ubuqiniso ngesibikelwe ngakho siqondise lapho kuphambuke khona. Sithembisa izakhamizi ezithola amanzi ngaphansi koMngeni Water ukuthi sisazoqhubeka ukufeza lokho esakuthembisa njengenkampani ukugcina abantu bephuza amanzi ahlanzekile okuyilawo asatshalaliswa yinkampani yethu,” kusho yena.