TSEPO MOTLOKOA

BABONGA ukubambisana okuhle abe-Media Development and Diversity Agency (MDDA) nezikhungo zamaphephandaba nemisakazo eziye zathola ukuxhaswa yibona onyakeni wabo wezimali wango-2021-2022 ukuqinisekisa ukudlulisa ulwazi olubalulekile kubantu ezibaphakela izindaba.

Ekuqaleni kuka-April abe-MDDA bebenesigcawu nabo bonke abahleli bamaphephandaba nemisakazo eye yahlumula oxhasweni lwabo kuzobhekwa izindlela okuzosetshenziswana ngazo ekusakazeleni umphakathi lokho okudingekayo.

UNkz Zukiswa Potye oyi-Chief Exucutive Officer yase-MDDA uthe lesi sigcawu abebesenzile siba Kanye ngonyaka futhi basuke behlose ngaso ukuqinisa ubudlelwano bezokuxumana nabasuke bexhasiwe. “Lapha besizohlangana nalabo abaphumelele ngokukhethwa yisigungu se-MDDA njengabafanelekile ukuba sibaxhase. Besizojabula sonke emuva kokukhethwa kwabo njengoba bebefake izicelo ezicuthungulwe kanzulu batholakala ukuthi bafanelekile ukuluthola uxhaso lwethu ngenxa yezinto ebezidingeka abazithumele kahle,” kusho uNkz Potye.

Eqhubeka uNkz Potye uthe lesi sigcawu sabo besihanjelwe ngabaphathi bemisakazo namaphephandaba abawu-70 abadle umhlanganiso. Ubonge i-MDDA ngokuvula izindla yazinikela ukubaxhasa ngemali ukuze umsebenzi wabo uhambe kalula.Ubonge nethuba lemibuzo ebelivuliwe njengoba abebebambe iqhaza beze nemibuzo ephusile. “Sihlabeke umxhwele kakhulu ngokuhlanganyela nabaphumelele. Siyethemba ukuthi ubudlelwano bethu siyi-MDDA ne-Grantee buzoba buhle kakhulu,” usho kanje.