TSEPO MOTLOKOA

Kunxuswa izakhamizi ezakhele isifunda iLembe, iTheku noGu ezithola amanzi ngaphansi koMngeni Water Amanzi ukubekezela njengoba le nkampani izama ukulungisa amapayipi aye aphazamiseka ngesikhathi sezikhukhula agcine eqhuma ngenxa yokuwelwa amadwala nokuguguleka kwenhlabathi.

Isitatimende esikhishwe ngabaseMngeni Water Amanzi sinxusa abantu ukusebenzisa kahle lawo manzi abawatholayo ngesikhathi izama ukubuyisela isimo kwesijwayelekile. Kuvela ukuthi imvula enamandla egcine isifundazwe sihlaselwa yizikhukhula kwaphazamiseka namapayipi athumela amanzi emphakathini sithinte noMngeni Water Amanzi wagcina ungasakwazi ukuthumela amanzi emphakathini. Kubikwa ukuthi amadamu aye angenelwa ukungcola okukhulu kwaphazamiseka namaphaphu akwazi ukuhlanza amanzi.

Izindawo okuvela ukuthi zithinteke kakhulu izingxenye ezithile zaseThekwini, eMhlali, eDarnall, eZamani naseZikwazi. Isihlanzi sase-Durban Heights Water Treatment Plant kuthiwa sishayeke kakhulu njengoba kunedwala eliwele khona kwaphazamiseka namanzi alandwa eNagle Dam. “Ukuphazamiseka kwamapayipi nezinjini kusho ukuthi bazoba bancane abantu abathola amanzi ngalesi sikhathi kusazanywa ukulungisa isimo. Siyazama ukulungisa isimo ukuze abantu baqhubeke nokuthola amanzi ngendlela ejwayelekile. Lesi simo sisicindezele njengoba uMngeni Water Amanzi usabhekene nomqansa wokuhlanza amanzi owahambisa esifundeni uGu okugcine kushiya abantu baseMthwalume, Ifafa, Bazley nezinye izigodi bengenamanzi,” sisho kanje.

Isitatimende sicele abantu ukusebenzisa amanzi ngokucophelela ngesikhathi ithimba laseMngeni Water Amanzi lizama ukulungisa umonakalo odalekile. Kuthiwe ikhona imizamo eyenziwayo ukusheshisa ukubuyiselwa kwamanzi kubantu kanjalo zikhona nezinye izindlela ezizanywayo ezizokwazi ukulekela ukuze abantu bebe beqhubeka nokuthola amanzi ahlanzekile ngesikhathi kulungiswa amapayipi.