TSEPO MOTLOKOA

KUKHUTHAZWA intsha yesifundazwe iKwaZulu-Natal ukusondelana nomkhakha wezolimo ngoba yiwona onamathuba amaningi ekuphileni kwabantu njengoba izinto eziningi ezidliwayo zidlula kokutshaliwe ukuze abantu baphile.

Leli yikhwelo likaNkk Bongi Sithole-Moloi ophathiswe uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya esifundazweni alihlabe emcimbini wokuthweswa kwemiyezane kubafundi abebefunda ezolimo e-Owen Sithole College of Agricultural eMpangeni. 

Lapha bekuklonyeliswa ngemiyezane abafundi abebenza ezolimo emikhakheni ehlukene kusukela ekufuyeni, ekulimeni, ekucubunguleni inhlabathi, izifo eziphatha imfuyo kanjalo nasekukwelulekeni abantu abafisa ukufuya kumbe ukulima.

UNkk Sithole-Moloi obeyingxenye yabebeqhuba umsebenzi wokudluliselwa kwemiyezane kwasebephothule izifundo zabo uthe abantu abaningi kabakukhuthaleli ukusondela enhlabathini batshale ngenxa yokuthi phambilini kwakuthi uma kujeziswa abafundi ezikoleni bathunyelwe engadini bayokwenza umsebenzi wakhona njengendlela yesijezo sabo. “Siyazi ukuthi iningi labantu libheka eceleni uma lizwa kukhulunywa ngokulima ngoba babuyelwa yisithombe sangesikhathi besafunda ezikoleni ukuthi babethunyelwa ukuyokwenza umsebenzi wasengadini ngoba bephambane nomthetho bese bejeza ngokufukuza engadini. Njengamanje umsebenzi wezolimo ywona ongaxosaha ikati emakhaya amaningi ngoba konke esikudlayo kudlula khona engadini. Kuyasijabulisa ukubona abafundi futhi abasebancane bezimisela kwabakwenzayo ngobal okho nje kukodwa kusho ukuthi njengoba bezophumela ngaphandle bayoba usizo emphakathini abaphila phakathi kwayo,” usho kanje.

Eqhuba uNkk Sithole-Moloi uthe esikhathini sanamuhla ezolomo yizona esezithathwa njengomgogodla wokusimamisa umnotho. Uthe umkhakha wezolimo usabalele kakhulu ngoba ugxamalazile njengoba phakathi kukhona owokucwaninga njengoba kungeke ukudla kungene emakethe kungazange kubhekwe ukuthi kabunayo yini ingozi kubantu abazobe bekudla. “Ocwaningweni engisanda kuluthola ngithole ukuthi ubhontshisi wenza enhle imali ezimakethe ngakho umuntu otshala wona udla kahle ngamathani asuke ewavunile ngesivuno sakhe. Abantu kumele bakukhiphe manje engqondweni ukuthi umsebenzi wasengadini ngowabantu abathile kodwa kumele bazi ukuthi ingadi ingondla umndeni, umphakthi nesizwe kuze kudlulele emhlabeni jikelele. Sikhuthaza abantu ukungahambeli kude nezolimo uma kungukuthi bafuna ukuphila kahle nemindeni yabo,” kusho uNkk Sithole-Moloi.