TSEPO MOTLOKOA

KUBUNGAZWA iminyaka engu-58 kwasungulwa uhlelo lwe-Art in the Park ngaphansi kwase-Msunduzi Pietermaritzburg Tourism Association (MPTA) eMgungundlovu okuvela ukuthi imibukiso yezobuciko selokhu yaqala ukukhangiswa ngo-1962 njengoba namanje kusahanjwa ngawo lowo mgqigqo futhi baningi nosomabhizinisi asebephumelela abahlomula ngaphansi kwalo lolu hlelo lokubukiswa kwemisebenzi yabo.

Phambilini i-Art in the Park yayiba nedili elikhulu lemibukiso ngasekupheleni kukaMay lokho okwakwenza abathandi bobumnandi bangazazi ukuthi bazohambela muphi umcimbi njengoba wawuqondana nemicimbi yaseRoyal Showground neComrade Marathon. 

Kafishane ne-Art in the Park Exhibition kuskue kuboniswa imisebenzi eyenziwe ngezandla kusukela ezithombeni ezipendiwe, okubaziwe nokwakhiwe ngencemba okungaba amacansi, omata kube nokwakhiwe ngocingo kwahlotshiswa ngendlela yobuciko. 

UMnu Dumisani Mhlongo owuMqondisi weMsunduzi Pietermaritzburg Tourism Association  (MPTA) uthe i-Art on the Park seyibambe iqhaza elikhulu emacikweni ngaphandle nje kokuba wuhlelo lwemibukiso elikwikhalenda labo benguMsunduzi. “Okuyiyona nhloso ngqangi ne-Art in the park ukuveza noma ukubeka ebalazweni amaciko lawo angakaze aziveze ngemisebenzi ayenza ngezandla zawo. Maingi amaciko angaba wofakazi ngesizama ukwenzela khona ngemisebenzi yawo. Sibonga nokubuya nemibukiso emuva kokunyamalala iminyaka emibili njengoba kade kuhlasele iCOVID-19. Kuyintokozo ukuthi eminye yemibukiso yamaciko ngaphansi kwe-Art in the park izobukiswa nase-Natal Botanic Garden,” kusho yena.

UMnu Mbuso Zongi oyi-Acting Manager yase-SANBI and the National Botanical Garden eMgungundlovu uthe kubajabulisile ukusingatha imibukiso yase-Art in the Park ngalezi nsuku ezihlelelwe yona. Uthe uyathemba ukuthi amaciko azozuza lukhulu ngokukhombisa imisebenzi yawo nonyaka.