SECHABA MAKORO

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal wamukele isiphakamiso seSouth African National Road Agency Limited (Sanral) sokwehlela ngezansi nokuqhubeka ukuvula ama-toll gate akuN2 ayephazamiseke ngesikhathi isifundazwe sihlaselwe yizimvula ezazihambisana nezikhukhula ngo-April wonyaka odlule.

Lezo mvula zashiya kukhalwa nxa zonke njengoba zaphazamisa ingqalasizinda ehlanganisa imigwaqo, amapayiphi amanzi nawendle, izindlu ezamukayo kwaze kwathinteka nemiphefumulo yabantu eyadlulayo njengoba namanje kusekhona izidumbu ezingakatholwa ukuze zifihlwe ngabathandiweyo bemindeni.

Umgwaqo uN2 eningizimu nasenyakatho yeKwaZulu-Natal ngeminye yemigwaqo eyathikamezeka kakhulu ngenxa yezimvula nezikhukhula njengoba yaguguleka enye ingxenye enye yabisha. Kwaze kwaphoqeleka ukuba iSanral ikumise ukukhokhelwa kwama-toll gate amabili okungeyaseMvoti neyasoThongathi. La ma-toll gate avalwa njengoba eminye yemigwaqo eyayixhumene noN2 yayiphazamisekile kwenzelwa ukuthi abantu bangalimali kakhulu ephaketheni nejngoba base bejikeleza bezongena kuN2 ukuze bafinyelele lapho beya khona. Ukukhokhelwa kwalama-toll gate bekulindeleke ukuba kuqale mhlaka 1 February kophezulu ngokwezinhlelo zabeSanral. Nokho kuphambane imibono ezinhlakeni eziningi ngokuvulwa kwawo njengoba abantu bezwakalise ukukhathazeka kwabo bekhala nangezindleko abazobhekana nazo ngokuvulwa kwawo. Lokho kuphambana kwemibono yomphakathi kugcine sekuphoqa abeSanral ukwehlela ngezansi ngoba abantu bebebeka lokho okubakhathazayo nabazobhekana nakho uma kuqhutshelwa nokuvulwa kwawo lama-toll gate.

Esitatimendeni esikhishwe nguMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal oholwa nguMnu Sipho Hlomuka ongungqongqoshe wawo sithe uhulumeni wesifundazwe usibuyekezile isicelo sabe Sanral sokuvula lama toll gate emuva kwemihlangano eminingi ebuhlalwa kubhekwa ukuthi kuzofinyelelwa kanjani phambili. Sincome ithimba likahulumeni ebeliholwa nguMnu Siboniso Duma ophathiswe uMnyango wezokuThuthukiswa koMnoto, EzokuVakasha nezokoNgiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, uMnu Hlomuka ophathiswe wona lo mnyango kanjalo nezimeya ezingaphansi komasipala besifunda seLembe. ISanral yona beyimelwe nguMnu Themba Mhambi usihlalo wakhona noMnu Reginald Demana oyi-Chief Executive Officer (CEO) yakhona. Bonke laba bavumelane ngokuhoxiswa kokuvulwa kwalama-toll gate njengoba bese kuhleliwe.