SECHABA MAKORO

KUTUSWA uhlelo lwemifundaze oluhlinzekwa ngabeSiza Water ngokuza noshintsho olukhulu ekulekeleleni ngokufezekisa amaphupho entsha eyakhele isifunda seLembe nejngoba le nkampani ihlinzeka ngamanzi umphakathi owakhele lesi sifunda esisenyakatho neKwaZulu-Natal.

AbeSiza Water bazincoma ngokuthi nonyaka bazoba nama-graduate amabili abefunda ezikhungweni zezemfundo ephakeme KwaZulu-Natal ngoxhaso lwenkampani yabo. Labo ngoShivaadon Poonar waseShakaskrall noMandisa Shabangu waseNkobongo. UShivaandon wenza izifundo ze-Engineering e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) bese uMandisa yena enze izifundo ze-Accountancy e-University of Zululand. Lezi zifundo zabo zithatha iminyaka emine egcwele ukuziphothula. 

Laba bazobe kungowesithupha nowesikhombisa kwabantu asebehlomule ngomfudazwe wabeSiza Water obekelwe uR1.471 million wokulekelela intsha engaphansi kwesifunda seLembe ukufezekisa amaphupho empilo yayo ukuze ibe yilokho ekufisayo empilweni. 

UMnu Shyam Misra oyi-managing director eSiza Water ukushayele ihlombe ukuqhubeka kahle kohlelo lwabo lokusondeza intsha yesifunda seLembe kwezemfundo. Uthe kusho lukhulu kubona ukukhiqiza izifundiswa zekhethelo kwazise izifundo abazifundelayo yilezo impela ezidingekayo ekuphiliseni umnotho wesizwe. “Okungijabulisayo ukuthi name impela ngafundiswa yilona uxhaso lwabeSiza Water. Ngiyaziqonda zonke izinselolo nobunzima bokuba ngumfundi ofunda ngomfundaze njengoba kumele uhleli uzinikele ezifundweni zakho ukuze nalabo abakufundisayo bahlabeke umxhwele ngemiphumela yokuzikhandla kwakho ezifundweni,” kusho yena.

UShivaandon ubonge ukwesekwa ngabeSiza Water ngokuthi akwazi ukuqhubeka nokungena esikhungweni semfundo ephakeme afezekise iphupho lakhe lempilo ukuba nginjiniyela ohlonishwayo ezweni. Uncome loluhlelo ngokuba yisisombululo kuyena lenza kwaba luma ngabekufisa kwazise imfundo iyabiza. Uthe bekuzoba wumqansa ukufunda ngesikweletu sikaR200 000 ngoba lokho bekuzobe kusho ukuthi uma eqambe eqashwelwa umsebenzi kube ukuthi kumele aphuthumise ukubuyisela imali abefunda ngayo.

UMandisa uthe kuyoba isibusiso kuyena ukuthweswa iziqu zakhe. Uthembise ukuba ngukukhanya emndenini wakubo kwazise unesiqiniseko sokuthi uzophumelela ngamalengiso ezifundweni zakhe. Uthe kuzoba kungokokuqala emndeni wakwabo ukuthi kube ne-Charted Accountant (CA).