TSEPO MOTLOKOA

ZIQUKETHE izithelo ezinhle izinhlelo zelungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natal uMhlonishwa Makhosi Zungu zokuhambela izikole ezingaphansi kwaseMandeni Parliamentary Constituency ngenhloso yokubheka lezo zikole ezingama-high school ukuthi zingasizwa ngani ukwakha ikusasa eliqhakazile labafundi.

UMhlonishwa Zungu utshele Isivubela Intuthuko engxoxweni ekhethekile ukuthi ukuhambela kwabo izikole zaseMandeni kungukunanela izwi lomphakathi lapho unxusa khona kuhulumeni ukulekelelwa ikakhulukazi kwezemfundo. Lapha ihhovisi likaMhlonishwa Zungu belihambisana nezikhulu zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Ngongi Mahaye onguMqondisi we-Schools Response Team eHhovisini likaNgqongqoshe womnyango uMnu Kwazi Mshengu noMnu B Nhaca oyiPhini loMqondisi eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal. 

Phakathi kwezikole ezisezinhlelweni zeHhovisi likaMhlonishwa Zungu ne-Mandeni Parlimenatary Constituency eziye zahanjelwa uThukela High, Tshana High, Impoqabulungu High, Umgandeni High, Nkwenkwezi High noDumo High. UMhlonishwa Zungu ubonge ukubambisana noMnu Mahaye noMnu Nhaca ekuphonseni itshe esivivaneni ukulekelela izikole zaseMandeni. “Lolu wuhlelo esihlose ngalo ukusondeza ngamandla uhulumeni kwezemfundo. Izikole esizihambelayo zingezinye esifuna ukuzibona zingasilele emuva ngokwezinsiza. Inhloso yokuhambela lezi zikole ukuzwa izikhalo zazo ukuze sibone ukuthi singahlangabezana kanjani nazo. Kungijabulisile ukuthi lolu hlelo siluqale eMandeni lapho name ngigxile khona futhi sisebenzisana kanhle nabe-Parliamentary Constituency yakhona. Kuzothi uma sesiphothule uhambo lwethu nalezi zikhlulu zomnyango bese sithula umbiko ngalokho esikutholile nokumele kuphuthunyiswe ngokushesha ukulekelela lezi zikole. Uhambo lwethu lwasoThukela High lapho siqale khona luhambe kahle kakhulu esithemba nokuthi nakwezinye kuzohamba njengokuhlela kwethu,” usho kanje.

UMhlonishwa Zungu ubonge bonke ababambe iqhaza balekelela ihhovisi lakhe kulomjikelezo wezikole zaseMandeni. Uthe uyathemba ukuthi imfundo yezingane ngeke isafana nakuqala ngoba lokho okuzobe kuphakanyiswe yizikole ezifuna ukuphuthunyiselwa khona ukuze kufundwe kahle kuzoba sekusetshenzelwa phezu kwakho. Uthe ihhovisi lakhe lizibeke phambili ezemfundo ngakho lizokwenza ngakho konke okusemandleni ukulekelela ngakho konke okusemandleni lapho lingakawazi khona.