Udaba oluthunyelwe

UBUDLELWANO phakathi kukaMasipala wasOndini nabakwa Gift of the Givers lokhu buqhubeke njalo njengoba lenhlangano engenzi nzuzo iphinde yabuya Ondini izonikela ngenqolasihlalo kanokusho kumndeni wakwa Gumede Ondini ku Wadi 11 kwaSishwili ngaseMahlabathini esikoleni. 

UThobani Gumede (11) wazalwa ngaphansi kwesimo sokukhubazeka. Unikelelwe ngalesi sihlalo ukuze simlekelele ngokwempilo yakhe. Umawakhe uNks uSanele Gumede uhluleke nawukuzibamba wangakwazi nokuzikhulumela.

UMnu u Khulekani Kunene wakwa Gift of the Givers uthe kuhlezi kuyintokozo ukusebenzisana no Masipala wasOndini. “Silapha futhi namhlanje sicelwe uMasipala wasoLundi ukuba sizolekelela ngenqolasihlalo kanye nokudla okuthiwe sizokuhambisa kwaWadi 7 nokuzohlomuliswa abantu abantu abawu 50. Njengenhlangano engenzi nzuzo kuyasikhuthaza uma sivakashela imiphakathi nabantu abaswele ngampela. “

IMeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase uncome ubudlelwano obuhle obukhona phakathi kukaMasipala nenhlangano yakwa Gift of the Givers.”Kusithokozisa kakhulu ukubona lenhlangano iqhubeka nokusabela uma sishaya ikhwelo lokufisa ukuba ingenelele kusizakale abantu bakithi. Kuningi kakhulu esisenzele khona futhi siyethemba kusazoqhubeka kube khona ukubambisana okuhle. Ukudla lokhu sikuhambise kwa Ward 7 eZinqonyaneni ngaphansi kuka Khansela uXulu.”