TSEPO MOTLOKOA

IMEYA kuMasipala waseThekwini uKhansela Mxolisi Kaunda ubalula imibhikisho enodlame njengesihlava esibulala isithunzi sikamasipala ewuholayo ngoba imiphumela yayo ikhinyabeza ingqalasizinda okwenza umasipala uphazamiseke ezinhlelweni zokuthuthukisa abantu abawakhele.

UKhansela Kaunda usho kanje kade enesidlo sasekuseni esikhethekile nabahleli bamaphephandaba akuleli dolobha lapho ebethula khona izinhlelo zeminyaka emihlanu zokuthuthukiswa kwedolobhla laseThekwini.

Ethula inkulumo yakhe uKhansela Kaunda ubonge ibanga eselihanjwe wuMasipala waseThekwini ekuhambiseni intuthuko kubantu abawuvotele. Uthe bayaziqonda bewumkhandlu izingqinamba ezibhekene nabanye abantu kwezinye izigceme ezifaka phakathi ukungabibikho kwamanzi nogesi kodwa bewumkhandlu okhathalele abantu basezinhlelweni zokuthi kule minyaka emihlanu ube sewubonakala umehluko kulabo bantu abesalele emuva ngentuthuko. “Inkinga yamanzi nogesi ngezinye zezinto okukhalwa ngazo kakhulu njengoba kusenabantu abangakazitholi lezi zinto. Siwumkhandlu waseThekwini sisemshikashikeni wokuthi kuleminyaka emihlanu kube ukuthi sesihambe ibanga elide ekweneliseni wonke umuntu waseThekwini. Kunezinhlelo esinazo siwumkhandlu ngokubambisana noMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle kuzwelonke zokwakhiwa kwedamu elizobe liseMkhomazi ukuze kusizakale abantu ngamanzi. Kuyimanje sithembele kwiReservoir Hill Dam ekusabalaliseni amanzi nayo ebuye iphazamiseke ngenxa yokuphuka kwama-pump okugcina kuthikamezeka ukuthunyelwa kwamanzi kubantu. Singasho ukuthi sinemali ewuR9 billion esesiyihlinzekele ukubhekelela uhlelo lwamanzi lapha eThekwini ngoba sikholwa ukuthi awumgogodla wokuphila komuntu,” usho kanje.

Ekhuluma ngemiphumela yemibhikisho enodlame uKhansela Kaunda uthe igcina ifaka itwetwe kubatshali zimali kuphazamiseke izinhlelo zabo  zokuthuthukisa iTheku. “Ukubulawa kwengqalasizinda kuyasithikameza kakhulu ikakhulukazi uma kunemibhikisho njengoba kucekelwa phansi lokho okusuke sekulungisiwe. Siyakuqonda ukuthi abantu banelungelo lokuzwakalisa ukungenami kwabo njengelungelo labo elikumthetho-sisekelo wezwe kodwa ababhikishayo sibanxusa ngokuthi bangabe sebenyathela ilungelo lomuntu lokuthola izinsiza zikahulumeni wezwe lakhe.  Sinohlelo lokuqinisekisa ezokuphepha eThekwini ukwehlisa ubugebengu ukuze umuntu azizwe ekhululekile edolobheni lakhe. Sifuna kule minyaka kuthi lapho esihambe khona kusale umaka njengalapho kusuke kuhambe khona umnenke,” kusho uKhansela Kaunda obehambisana nobuholi bukamasipala waseThekwini awuholayo.