UMBIKO OTHUNYELWE

UMASIPALA wasOndini uqhubekile nokuhambisa amasheke enkece ezikoleni ezenze kahle kumiphumela kaMatikuletsheni ka 2021. Namhlanje uMkhandlu wasOndini uhambele eNomzimana High School. Kunconywe igalelo lothisha abalikhombisile beqinisekisa ukuthi ukufunda kuhamba ngendlela futhi nezingane ziyanakekelwa ngayo yonke indlela.

UThishomkhulu wesikole uMnu uMajozi uthe ubonga ukubambisana okuhle phakathi kothisha besikole, abazali nomphakathi wonke nathe yikho okudale lempumelelo ebungazwa namuhla. “Lokhu okwenziwe uMasipala wasoLundi kukhulu kakhulu kithi asikaze siwubone noMnyango ufike uzosibonga ngenxa yemisebenzi ekhona. Sibonga kakhulu uMasipala ngokusikhumbula lokhu okwenzile kusenza sizizwe singabantu nathi.” 

IMeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase uthe izikole zasemakhaya zikhombisile ukuthi zinentshisekelo yokuphumelela nokuzibeka ebalazweni. Umkhandlu wasOndini uzoqhubeka uye ukuyovala loluhlelo eNsabekhuluma High School ngoLwesibili mhlaka 15 ku February. “.