USUKU:  NgoMgqibelo, 12 kuNhlolanja 2022

ISIKHATHI: Kusukela ngehora lesiNe ekuseni kuya kwelesiNe ntambama

Umphakathi uyaziswa ukuthi kuzobe kunokuphazamiseka kokuphakelwa kwamanzi kulezindawo;

KwaDukuza Central Business District , Darnall, Zamani, Zinkwazi, San Souci, Sakhamkhanya, Ekamu, Mdlebeni, Sokesimbone,  Glenhills, Town View, Hill Crescent, Industrial Area, Lindelani, New Guelderland, Warrenton, Stanger Manor, Oceanview, Indian Village, Sunny Park, Mbozamo, Shakaville, Blythedale Beach nase Gledhow North Village. 

AbaseMgeni Water bacele ukuvala amanzi usuku lonke ngoMgqibelo, mhlaka 12 kuNhlolanja 2022 kusukela ngehora lesiNe ekuseni kuya kwelesiNe ntambama ngenhloso yokulungisa i-scour valve esivuzayo phakathi kwaserobhothini eDarnall naseHlomendlini eMandeni. 

Sibonga kakhulu ukubekezela komphakathi Umgeni Water usazama ukulungisa lenkinga. Yize zonke izigcinimanzi zinamanzi okwamanje, kungenzeka kube khona inkinga yokuphakela amanzi kwezinye Izindawo.  

Ukubika ipayipi elivuzayo kanye nanoma yini ethinta amanzi nokuthuthwa kwendle ungashayela kulezinombolo – 032 437 9371/9427 noma uthumele umqhafazo ngo WhatsApp kule nombolo 074-3444 508. 

Umyalezo uvela kuMasipala wesiFunda iLembe